KUHOLELE ekutheni kuhlehliswe ukulalelwa kwecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa izolo, ngenxa yokuthi akafikanga utolika enkantolo.
Bekulindeleke ukuthi owayengumngani kaMeyiwa aqhubeke nokuphekwa ngemibuzo ngesikhathi umshushisi wombuso, u-Advocate George Baloyi, edalula ukuthi akakafiki otolikayo.
Ijaji uTshifhiwa Maumela, libuzile ukuthi kukhona yini akubikile utolika mayelana nokuthi uzobe engekho ngesikhathi kuqala inkantolo, uBaloyi uthe ubengakezwa lutho.
Lokhu kuholele ekutheni inkantolo iguqe imizuzu emningana ngaphambi kokuba ibuye maqede kwavela ukuthi otolikayo ubikile ekuseni izolo ukuthi ngeke akwazi ukuphumelela.
“Namuhla asinaye utolika. Ngithole ukuthi ufonile namuhla ekuseni (esho izolo) wabika ukuthi ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla akhe, ngeke akwazi ukuza emsebenzini,” kuchaza uBaloyi.
Uqhube wathi, kuzanyiwe ukuthi kutholakale omunye ozothatha izintambo, atolike ukuze kuqhubeke ukulalelwa kwecala kodwa kwatholakala ukuthi ukude nenkantolo okuqulwa kuyo icala.
“Utolika okhona useNkantolo yeMantshi ePalm Ridge, eyibanga elingu-83km ukusuka lapha. Ngokubonisana nabo bonke abathintekayo, sibone kungcono ukuthi icala lihlehliselwe ikusasa,” kusho uBaloyi.
Bonke abameli babasolwa bavumelane noBaloyi.
Ecaza ngokuhlehliswa kwecala uMaumela, uthe ulihlehlisa ngethemba lokuthi ngeke kubuye kwenzeke lokhu ngoba wonke umuntu oyingxenye yecala wenza konke okusemandleni ukuthi eze enkantolo ukuze kuqhubeke ukulalelwa kwalo.
Uthe kungakuhle ukuthi uma kukhona ongeke abebikho, asheshe akuveze lokho, angalindi kuze kube umzuzu wokugcina.