KUHLEHLISELWE inamuhla ukulalelwa kwecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, ngesikhathi omunye wabamangalelwa ebika ukugula enkantolo.
KUHLEHLISELWE inamuhla ukulalelwa kwecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, ngesikhathi omunye wabamangalelwa ebika ukugula enkantolo.
Ngesikhathi kuqala ukulalelwa kwecala izolo, u-Advocate Zandile Mshololo, ongummeli kammangalelwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli, usukume watshela inkantolo ukuthi unesicelo sokuthi kuhlehle ukulalelwa kwe cala ngoba uNtuli akaphilile.
“Ungazise ekuseni namuhla ukuthi akaphilile kahle futhi isimo sakhe siya ngokuya siba nzima, ngizocela ukuthi inkantolo iguqe, ukuze athole usizo lwezempilo ngaphakathi ejele,” kusho uMshololo.
UNtuli ugcinwe esitokisini, iLeeuwkop eGauteng.
Ijaji, uRatha Mokgoatlheng limbuzile uMshololo ukuthi umsolwa uzokwazi yini ukuba khona enkantolo namuhla, waphendula ngelithi, kuzoba sekutheni bathini odokotela abazomnika usizo lwezempilo ejele.
UMokgoatlheng uyalele inkantolo ukuthi ithi ukuguqa kancane ukuze abhale incwadi eyalela ijele ukuthi uNtuli anikwe usizo lwezempilo ngokushesha.
“Angifuni ukuthi athi uma efika ejele bese enikwa amaphilisi no-castor oil, ngifuna abhekwe wodokotela,” kusho uMokgoatlheng.
Uqhube wathi uma seliqhubekaicala namuhla, ufuna ukunikwa incwadi kadokotela echazayo ngesimo sempilo kaNtuli.
Icala liguqa nje kulindeleke ukuthi u-Advocate Charles Mnisi ongummeli kammangalelwa wesithathu, uMnuz Mthobisi Mncube aqhubeke nokuphonsa imibuzo ufakazi , uConstable Sizwe Zungu oqale ukwethula ubufakazi bakhe ngeledlule.
Uveze ukuthi ngo-Okthoba 26, 2014 okuwusuku okwabulawa ngalo uMeyiwa, wayenabasolwa eVosloorus.
Ebufakazini bakhe kuvela ukuthi babesehostela ababehleli kulo kudliwa inyama, kuphuzwa kusinwa. Ubuye wathi wayemenywe isihlobo sakhe asibize ngoGwabini.
Icala liyaqhubeka namuhla.