UMMELI wesilomo se-Orlando Pirates, esilahlwe yicala lokushaya intombi, uThembinkosi “Nyoso” Lorch, ucele ukuthi kuhlehliswe ukugwetshwa kwakhe ngoba kunemicilikisho asafuna ukuyiqedela.
ULorch ubevele eNkantolo yeMantshi eRandburg, eGauteng ngoLwesihlanu.
ULorch ngoJuni ulahlwe yicala lokushaya intombi yakhe, uFundiswa Mathithibala kanti ungaphandle ngebheyili kaR2 000. Isigameko sokushaya esibophise uLorch, kuthiwa senzeka ngo-2020 ngesikhathi intombi yakhe ivakashile yena wahamba nokhiye wemoto yayo, yabona kuhlwa yamshayela ucingo ukuthi abuye.
Kuthiwa ngesikhathi ebuya uLorch bafika baxabana nentombi wagcina eyishaya yase imvulela icala.
Okhulumela i-NPA, uNkk Phindi Mjonondwana, uthe kuphoqeleke ukuthi ukugwetshwa kukaLorch kuhlehliswe ngoba kukhona imininingwane engahlangene kahle.
“Ummangalelwa ubelokhu engaphandle kwezwe bagcina bengakwazanga abameli bakhe ukuqedela imidanti ethize ephathelene nesigwebo.
“Bacele ukuthi kuhlehle ukugwetshwa kwakhe,’’ kusho uMjonondwana. ULorch uzobuyela enkantolo ngoSepthemba 4 lapho kuzoqhubeka khona uhlelo lwesigwebo.
ULorch enkantolo ubehamba nomunye wesilisa obonakale sengathi ubemphelezela okuthe kungaqedwa wagugusha naye njalo bayongena emotweni bahamba.
Iqembu lakhe i-Orlando Pirates ngesikhathi elahlwa yicala, lakhipha isitatimende lathi liluzwile udaba kodwa lisalufakela izibuko futhi lizolusebenza ngokwemigomo yangaphakathi.