INKANTOLO yeMantshi yaseVerulam ikuhlehlisile ukugwetshwa kwamadoda amane alahlwe icala lokuthumba nokubulala u-Andile ‘Bobo’ Mbuthu (16).
Bekulindeleke ukuthi ngoLwesibili iMantshi Sanele Hlatshwayo agwebe o-Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu abalahlwe ngamacala ngenyanga edlule.
Kodwa akwenzekanga njengoba uHlatshwayo kuvele ukuthi akekho kule nkantolo kodwa umatasa nelinye icala ayijaji elibambile kulona eliqhubeka eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Ukuwiswa kwesigwebo kube sekubekelwa u-Okthoba 2 nonyaka.
Abasizi bakaHlatshwayo, abafikisane nentatheli enkantolo, bekubukeka sengathi kabanalo ulwazi ngokuhlehliswa kwecala.
Baze babekwa esithombeni umshushisi wecala uMnuz Ntuthuko Mngadi base bebona abeze ngayo.
Amalungu omndeni kaBobo nawebandla okukhonza kulona unina awalubhadanga enkantolo.
Umalume kaBobo, uMnuz Bongani Mthembu, uthe bese bazisiwe ukuthi ngeke sikhishwe isigwebo izolo, kuhlehliselwe olunye usuku.
Ubezwakala ocingweni ukuthi ukhululekile. Kuzokhumbuleka ukuthi kwaqale kwaba nokuhlehla okwaba khona ekukhishweni kwesinqumo, okwawunenga umndeni ukhala ngokuthi awaziswanga.
Ngosuku okuyokhishwa ngalo isigwebo inkantolo iyokwamukela imibiko yosonhlalakahle ngempilo yala madoda nangomndeni kamufi.
Kuyophinde kube nesigcawu sobengummangalelwa owaphenduka ufakazi woMbuso lapho ezobe ezicelela khona intethelelo nokuthi abeke izizathu zokuthi yini kungamele ashushiswe.
UHlatshwayo wakhala kakhulu ngalo fakazi owayewumngani kaBobo, ebuza uMbuso ukuthi kungani enziwe ufakazi?
UBobo washaywa wafa yilama doda ngo-Ephreli 20, 2020. Isidumbu sashiswa izinsalela zahlakazwa ngepiki zagxishwa ezikhwameni nezitini zayolahlwa emfuleni. Wayesolwa ngokweba utshwala eMagagula Lounge, eHambanathi oThongathi.
Le ndawo yobumnandi eyangqongqiswa umphakathi kwakungekamzala kaBobo, uMnuz Mlungisi Thabethe owadutshulwa wafa ngoMashi 2021 esigamekweni amaphoyisa athi sasingahlobene nokufa kukaBobo.