UMYENI wowesifazane owashiswa nemoto emathuneni aseMolweni, eThekwini, utshele inkantolo ukuthi waziswe wummeli wakhe esesendleleni ebheke enkantolo ukuthi uyagula futhi akezi ukuzommela.
Ummangalelwa, uMnuz Sfiso Ndlovu, ongaphandle ngebheyili, ubuzwe yiJaji uMohini Moodley leNkantolo eNkulu yaseThekwini, ukuthi ukuziphi izinkalo ummeli wakhe nokuthi uyazi yini ukuthi akezi enkantolo?
UNdlovu, omelwe nguMnuz Krishna Jairam, uphendule wathi ubekade engazi ukuthi ummeli wakhe ubambekile, uze wakuthola lokho eseshayelwa ucingo nguyena esesendleleni ezongena enkantolo izolo.
“Ummeli ungitshele ukuthi akaphilile kusukela ngesonto eledlule. Phambilini, kungakaqali ukuqulwa kwecala wangitshela ukuthi kunento eyamshaya esifubeni ngakwesokunxele, manje unokuhlala ezwe izinhlungu ngakho kumele abonane nodokotela enze nama X-rays,” kuchaza uNdlovu.
Kodwa ijaji lithe uJairam ubekade engazikhombisi izimpawu zomuntu obambekile ngesikhathi kuqulwa leli cala ngesonto eledlule.
Ijaji lithe nalo lithole ucingo obeluvela kuJairam ngo-9.45 ekuseni sekusele imizuzu engu-15 kuqalwe ukulalelwa kwecala, wathi uyagula akezi enkantolo.
“Ungitshele nokuthi udokotela wakhe uthe ngeke akwazi ukusebenza kuze kube uLwesihlanu. Ngimcelile ukuthi uma kwenzeka elulama singakafiki leso sikhathi angazise, hleze siqhubeke necala kuleli sonto. Besiseza kahle necala wonke umuntu enentshisekelo kwaze kwaba inamuhla (izolo),” kusho iJaji Moodley.
Bekulindeleke ukuthi uJairam aphice ngemibuzo ufakazi woMbuso, uSergeant Thamsanqa Mthethwa, owaba ngumphenyi wokuqala kuleli cala.
Ijaji libe selikuhlehlisela uJuni 12 ukuqulwa kwecala njengoba uMshushisi u-Advocate Thabani Buthelezi eveze ukuthi uzobiza ofakazi abayisishiyagalolunye kuleli cala.
Izihlobo zakammangalelwa bezingekho enkantolo izolo. Nsuku zaphuma, uNdlovu ufika enkantolo eswenkile, ezikhululekele exoxa futhi ehleka nabantu abasuke beze ecaleni lakhe nahlangana nabo emaphaseji enkantolo.
Uma ungamazi ungaze udideke, uphike uthi “akuyena ummangalelwa kuleli cala”.
UMbuso uthwese uNdlovu icala lokuthumba, elokubulala nelokuthungela ngomlilo impahla. Usolwa ngokubulala inkosikazi yakhe, uNkk Khulukazi Ndlovu, ngo-Ephreli 3, 2020.
Laba abebeganene kuthiwa base behlala ngokwehlukana futhi besezinhlelweni zedivosi.