UKUNGABIBIKHO kwedokodo kuphoqe ukuthi iNkantolo yeMantshi yaseMlaza ilihlehlise icala lokubulawa kowesilisa wakwa-B, eMlaza, owaqhululwa ngezinhlamvu ehamba ngesihlalo esinamasondo.
Umufi uMnuz Simanga Khumalo (29) wadutshulwa ngamadoda angaziwa ekuqaleni konyaka, esigamekweni esenzeka kwa-Q, emini kwabha kubuka wonke umuntu.
Ngemuva kwalesi sigameko kunabesilisa ababili abakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, beyamaniswa naleli cala.
Ababoshwa ngoMnuz Siyabonga Ngubane (36) noSithembiso Khomo (23), okuyimanje bavalelwe futhi bagqigqa eNkantolo yeMantshi yaseMlaza emuva kokunqatshelwa ibheyili.
Babhekene namacala amane. Kuwona kubalwa elokwakha itulo lokubulala, elokubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nezinhlamvu.
NgoLwesithathu, laba besilisa bebekade bevelile eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
UMshushisi u-N. Mohani uphakamile watshela imantshi uNgcobo ukuthi alikho idokodo, ucela ukuthi icala lihlehliswe.
Imantshi ibuzile ukuthi kwenzekeni njengoba kuthiwa idokodo alikho nje?
Umshushisi uthe umseshi ophenya icala umazise ukuthi idokodo alikho esandleni sakhe wabe eselalela lokho amtshela khona.
Imantshi ibe seyilihlehlisela u-Agasti 7 icala, yanxusa ukuthi lingenzeki iphutha lokuthi liphinde lingabibikho idokodo.
Umufi ngesikhathi ebulawa kwase kuphele iminyaka emibili ehamba ngesisihlalo esinamasondo emuva kokudutshulwa ngo-2021, ngabasolwa ababezama ukumbamba inkunzi.
Kuthiwa kuleso sigameko bamphuca iselula, bamshaya ngenduku yegalofu base bayamdubula.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa owesilisa osejele owesatshwayo eyamaniswa nalesi sigameko.
Lo wesilisa kuthiwa wadonsa ngendlebe umufi ukuthi alesule icala uma engafuni ukuthi amenzakalise.
Kusolwa ukuthi lo wesilisa osejele nguyena ungqondongqondo wetulo lokubulawa kukamufi njengoba esolwa ngokuthumela ababulali esezikhindini.