IJAJI likhombise ukunengeka lakhala ngokumoshwa kwesikhathi kuhlehla icala labasolwa ngokubulala umama nengane izidumbu zabo ezafakwa epotimendeni zalahlwa KwaDabeka, eClermont.
IJaji Sibisi, leNkantolo eNkulu yaseThekwini, litshelwe ukuthi ngesikhathi sekhefu, ummangalelwa wesibili, u-Andile Zamisa (24), obekade efakaza uthe abadlanga benonina, uNksz Pamela Zamisa ongummangalelwa wokuqala.
Laba basolwa ngokushaya babulale uNkk Smangele Simamane nendodakazi yakhe, uSibongakonke Mthembu (12) eNewlands West, eThekwini ngo-Okthoba 5, 2020.
Kuthe uma kubuywa ekhefini umshushisi u-Advocate Gugu Xulu wasukuma watshela uSibisi ukuthi abamangalelwa abadlanga, balambile ecela inkantolo ukuthi ikhiphe isinqumo.
U-Adv Xulu uthe ubikelwe yiphoyisa eligada enkantolo ukuthi abamangalelwa abayiswanga lapho okuphakelwa khona iziboshwa enkantolo ngoba amakheshi awasebenzi.
Leli phoyisa litshele uSibisi ukuthi akuphephile kuwona naseziboshweni ukuhambisa iziboshwa ngeminye imigudu emnyama enkantolo uma amakheshi engasebenzi.
USibisi ube esebuza ukuthi kungani iziboshwa zingalethelwanga ukudla ezitokisini ezivalelwe kuzona uma kubonakala ukuthi kunenkinga yokuthi ziyiswe lapho ziphakelwa khona.
Kuthule kwathi cwaka enkantolo, lokhu okugcine sekuphatha kabi uSibisi, wakhala ngokumoshwa kwesikhathi ebesingabe siyasetshenziswa ukuze kuqulwe kuqedwe icala esikhathini elibekelwe lona.
USibisi ulihlehlisele inamuha icala ukuze u-Andile aphothule ubufakazi bakhe njengoba ephika ukuthi yena nonina benzakalisa abafi.
Nommeli wabasolwa ubebacelele ukuthi lihlehliswe icala khona bezothola okuya ethunjini.
NgoLwesihlanu, bekunenkinga yokungasebenzi kwamanye amakheshi kule nkantolo. Isolezwe lihabule ukuthi kunezinsolo ezithi kunomuntu owashiya umpompi engawuvalanga ngoLwesithathu ngesikhathi amanzi engekho enkantolo.
Kuthiwa ngesikhathi esebuya amanzi ngeholidi ngoLwesine, kwakungekho muntu enkantolo, amanzi agxaza esuka ezitezi eziphezulu ayophuma kwezingezansi.
Ekuseni ngesikhathi sokuqala kokusebenza kwezinkantolo, ezinye izindawo zazisemanzi, futhi ihenqiwe indawo yamakheshi ngasetafuleni lokwazisa lale nkantolo.