OWESILISA osolwa ngokuthumba abulale umlamu wakhe owayengunjiniyela ucele inkantolo ukuthi ihlehlise icala eliqulwayo khona ezoya kokhipha izinyo elimhluphayo.
Ummangalelwa uMnuz Nkosinathi Zungu, ogcinwe ezitokisini, ufike enkantolo efake isikhafu wathi usephila ngamaphilisi ezinhlungu ngenxa yezinyo elinkenkethayo.
UZungu uboshwe noNksz Nompumelelo Patricia Goncalves ongaphandle ngebheyili, ngecala lokubulala uMnuz Nkosi Timmy Langa owayengumsebenzi eTransnet.
UMshushisi u-Advocate Krishen Shah utshele uZungu ukuthi abuye nencwadi kadokotela eqinisekisa ukuthi ulikhiphile izinyo namuhla, ngaphambi kokuthi aqale ethule ubufakazi bakhe ngoLwesine.
UMbuso uthe uNkk Goncalves wayeyingoduso kamufi futhi waqasha uZungu noJames Mashudu “Ramaphosa” Mthimkhulu ukuthi babulale uLanga ngoSepthemba 30, 2020.
Kuthiwa umufi wathunjwa yila madoda kwakhe ePinetown, wayobulawelwa oZwathini, eNdwedwe lapho kwatholakala khona izinsalela zesidumbu sakhe ngoNovemba 2020.
Kubikwa ukuthi udokotela owahlola isidumbu wahluleka ukusho ukuthi ubulawe kanjani ngoba kwase kusele amathambo, kodwa wathi kungenzeka ukuthi umufi wabulawa ngokuklinywa ngentambo.
Izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini kuqale kwafakaza uMnuz Pieter Oosthuizen onguchwepheshe kwa-Tracker.
Weluswe ngemibuzo uShah ngesikhathi echazela iJaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa ngokuhamba kwemoto kaNkk Goncalves ngosuku olulandela okwabulawa ngalo umufi.
U-Oosthuizen ukugcizelele ukuthi kunesikhathi esingaphezu kwamahora amabili lapho i-tracker yemoto yowesifazane yayingasadonsi iGPS, ingasabonakali ukuthi ikuziphi izinkalo ngoba yayisicushwe nge-signal jammer.
“Le signal jammer kungenzeka ukuthi yayingaphakathi noma ngaphandle kwale moto eyayiqhubeka ihamba amakhilomitha angu-12 kodwa kungazeki ukuthi ikuphi. Yaze yadonsa isisendleleni ebheke KwaNdengezi lapho eyagcina khona,” kusho u-Oosthuizen.
UMbuso uthe uNksz Goncalves waya KwaNdengezi kubo kamufi eyobabikela ukuthi udukile, akamazi ukuthi ukuziphi izinkalo.
Abamangalelwa bavume ubufakazi obungaphikiswa enkantolo okubalwa imininingwane yasebhange, eyemoto eyesulela, umbiko kadokotela wokuhlolwa kukamufi.
UNksz Goncalves ubehleli ngokuqhelelana noZungu ebhokisini labasolwa. Ulihlome phansi isikhathi eside ikhanda kuhle komuntu ongafuni ukubonwa abantu.
Bekukhona nezihlobo zakhe nezikamufi abezihlezi ngokuhlukana enkantolo.