KUPHINDE kwamiswa ukuthethwa kwecala lokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, izolo.
KUPHINDE kwamiswa ukuthethwa kwecala lokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, izolo.
Lokhu kuze emva kokushayisana kobufakazi bukaConstable Sizwe Zungu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngu-Advocate Charles Mnisi, ongummeli kamsolwa wesithathu kuleli cala, uMnuz Mthobisi Mncube.
UMnisi ubebuza uZungu ukuthi siphi isikibha esi-lime nomgexo athi kwakugqokwe uMncube ngosuku lwesigameko ezithombeni ezimbili ezivezelwe inkantolo.
UZungu uphendule wathi lezi zithombe ezivezwa enkantolo zathwetshulwa ngaphandle kwehostela.
UZungu atshele inkantolo ukuthi wayehleli nabasolwa khona ehostela eliseVosloorus ngosuku okwabulawa ngalo uMeyiwa. Kuthiwa lezi zithombe zatholwa ngabaseshi kwiselula yomunye wabasolwa, zathathwa ngalo lolo suku.
“Kulungile, sikhombise umgexo-ke,” kusho uMnisi.
“Kulezi zithombe? Ezathwetshulwa ngaphandle kwehostela? Akukhona nje ehostela lana,” kuphendula uZungu.
“Uqonde ukuthi uma kungavezwa ezangaphakathi ehostela, ungakwazi ukukhomba isikibha esi-lime nomgexo?” kubuza uMnisi.
UZungu uvumile wathi uma kungavezwa ezasehostela, ucabanga ukuthi angakwazi ukusikhomba.
Kuthathwe ikhefu kubhekwa ukuthi zikhona yini ezinye izithombe ezikhona.
Kubuywe ekhefini umshushisi wombuso, u-Advocate George Baloyi, esethi bazothintana noBrigadier Bongani Gininda ukuthi abanike i-disc enazo zonke izithombe ahlunga kuzo lezi ezigcine sezivezwa phambi kwenkantolo okukholakala ukuthi wazihlunga ngoba enomcabango wokuthi yizo eziyamene necala.
Ngaphambi kwalokho uMnisi uke waba nokuphikisana noZungu bebanga ukuthi buyaphambana ubufakazi bakhe abusho esephekwa ngemibuzo nalobo abusho ngesikhathi eholwa nguBaloyi.
“Konje uthe wawuhamba nobani ukuyothenga utshwala?” kubuza uMnisi.
“Yimina nomsolwa wesithathu, nabanye abathathu, kubona kwakukhona uMthoko (ongesiye umsolwa),” kuphendula uZungu.
UMnisi ubuze uZungu ukuthi yena wathi wahamba nomsolwa wesibili nowesithathu baya endaweni edayisa utshwala, iTops, wathi babeyisihlanu emotweni.
“Uma ngikhumbula angihambanga noMuzi,” kusho uZungu.
UMnisi uthe: “Angiphinde umbuzo wami, wena wathi wahamba nomsolwa wesibili nowesithathu niya eTops, wathi naniyisihlanu emotweni. Manje usuthi wahamba nomsolwa wesithathu noMthoko nabanye, ngabe lokhu kwaba yiphutha nalokho,”
UZungu uthe yena wathi umsolwa wesibili, owesithathu wayekhona, nabanye-ke okwakukhona kubo noMthoko.
“Ubufakazi bakho buyashintshashintsha. Ngesikhathi wethula ubufakazi bakho uholwa ngumshushisi ukhulume ngomsolwa wesibili nowesithathu ukuthi wahamba nabo, manje usukhuluma ngomsolwa wesithathu noMthoko ongesiye umsolwa wesine.”
Icala liyaqhubeka namuhla.