LIHLEHLELE uMashi 4 nonyaka icala lokubulala elibhekene nenyanga edumile yaseThwalenye eNanda.
UMnuz Simphiwe Abraham Mhlaba ubevele kafishane eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma. Icala lahlehliselwa uMashi 4 ukuze afake isicelo sakhe sebheyili.
Yize bekulindeleke ukuthi kugcwale enkantolo ngaleli cala elingundabamlonyeni kulezi zinsuku, bekucwebile enkantolo. Bekukhona izethameli ezimbalwa ezivela ngasohlangothini lukammangalelwa.
UMhlaba usolwa ngokuthenga izinkabi ezine ukuba zibulale uNkk Patricia Nokuthula Jeza (48) nendodakazi yakhe uNksz Queen Jezelihle Jeza (22) baKwaMasxha eMayville, eThekwini, ngoLwesine.
Izidumbu zabo zitholwe endaweni yokulahla udoti eMachobeni ngasemfuleni uMngeni, ngoLwesihlanu.
UMhlaba uvela enkantolo nje, amaphoyisa aqhulule ngenhlamvu abasolwa abane ngoMgqibelo okuthiwa bebethengwe nguye ukuthi babulale abesifazane.
Ngokusho kwamaphoyisa, abasolwa babanjwe besendleleni ebheke eMpophomeni, ukuyohlanjululwa.
Kuthiwa imoto yabo ivinjwe ngamaphoyisa eSikebheni eMzinyathi kwathi ebebephakathi bavele bavulela ngenhlamvu kuqala bebhekise emaphoyiseni, nawo abuyisela ngayo inhlamvu, bafa bobane.
Kuvele ukuthi zintathu izibhamu ezitholwe amaphoyisa kubona emva kokubathela othulini.
Ngokuthola kweSolezwe, uMhlaba ubesegweva no-R300 000 ayewunikwe wuNkk Jeza emva kwesivumelwano sokuthi uzode emfakela imali ethile njalo ngenyanga.
Kuvele ukuthi ugcine engasayingeni eyokumfakela imali yesivumelwano, okuholele ekutheni uNkk Jeza agcine esethi akawubuyise u-R300 000 wakhe.
Kuthiwa uvumile ukuthi uNkk Jeza asilande isamba semali, kanti umhlelela ukumholela oPhathe, ngokumthengela izinkabi ezigcine zimbulala nendodakazi yakhe ngoLwesine maqede zayobalahla.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza ephawula ngesigameko, uthe kuyabakhathaza ukuqhubeka kwezigameko zodlame olubhekiswe kwabesifazane.
“Izigameko ezifuze lezi zenza sibone isidingo esikhulu sokuthi sibambisane ukucinga izimpande zesihlava. Sinxusa nanoma ngubani ongaba nolwazi olungalekelela kuleli cala ukuthi aluhambise emaphoyiseni,” kusho uNkk Khoza.