KUHLALE obala namuhla ukuthi ufakazi wombuso ecaleni likaSenzo Meyiwa wayengenalo ulwazi lomsebenzi ayewenza.
Lokhu kuvele ngesikhathi u-Advocate Zandile Mshololo ecela ukuthi lo fakazi afike namaphepha eziqu zakhe.
Kuvela ukuthi waqala ukufundela iziqu zakhe ngo-2016 waziphothula ngo-2019 e-Unisa.
“Uyabona yini ukuthi lokhu kuveza ngokusobala ukuthi ubungawazi umsebenzi obuwenza?” kubuza uMshololo.
Uvumile lo fakazi, wathi kodwa ubenza izifundo zesikhashana kusukela ngoJulayi 2008 emsebenzini nokuyilapho ethole khona isitifiketi se-Criminalistic Expert (ungoti ocwaninga izindawo okwenzeke khona ubugebengu/izigameko).
Lokhu akumgculisanga uMshololo ofune impendulo eqondile yokuthi wazenza nini futhi kuphi lezi zifundo athole kuzo lesi sitifiketi.
Uthi isitifiketi wasithola ngo-2013, lezi yizifundo zangaphakathi emsebenzini. Wayeseqalile ukwenza lo msebenzi ngokucathuliswa ngaphakathi nokusho ukuthi kwakukhona ayesekwazi ngesikhathi sesigameko sokubulawa kukaSenzo Meyiwa.