UKUZIBEKELA imigomo yofisa ukukwenza empilweni nokusebenza kanzima ukuqinisekisa ukufezeka kwakho, ngezinye zezinto okukhuthazwe abesifazane ukuthi bazenze emcimbini iLeading in Heels obusePlatinum Belt Lounge, eMhlanga, eThekwini, ngoMgqibelo.
UDkt Bongiwe Msimang, weZuri Medical Aesthetic, obeyisikhulumi emcimbini, uthe into esiza kakhulu ukuphumelela, wukungesabi ukwenza into oyithandayo kungakhathelekile ukuthi abantu bacabangani ngayo.
“Okunye okusizayo wukuba sezindaweni ezizokubeka ethubeni lokufeza okufisayo empilweni, ulandele ubizo lwamaphupho akho,” kusho uDkt Msimang.
UNkk Thobekile Ndlovu weThobethulani Trading, obekhuluma ngaphansi kwesihloko sokumele kwenziwe ngabesifazane ukuba ngabaholi, wabacebisa ukungazenyezi nokungazibuki bengafanelwe wokuhle.
“Konke kuqala ngawe, ngakho qaphela izinto ozicabanga ngawe. Ukuqinisekisa ukufika lapho obabele khona, yiba nohla lwezinto ozibekele ukuzifeza, ubeke umhlahlandlela wesikhathi ofuna zibe sezifezekile ngazo,” kucebisa uNkk Ndlovu owenza ezibukwayo emkhakheni wezokwakha.
UNksz Phumelele Mngomezulu, wophiko olubhekelele ezabesifazane nezingane ehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe, ucebise izethameli ukuhlale zishisekela ukwenza okungaphezu kokulindelekile, bese zigwema ukulalela abantu abanemibono engemihle ngabakufunayo.
UMnuz Siyanda Ntenga weNtenga Foundation, ucebise imbokodo ukuzibeka phambili kukho konke ekwenzayo neyingxenye yakho, bese igwema ukuqhathanisa impumelelo yayo neyabanye abantu.
UNksz Gugu Mpungose, weBlack Tie Media & Communication, ebihlele umcimbi, uthe ujabule ngokuhlanganisa abantu besifazane ukuzobhunga nokucebisana ngezinto abangazenza ukuya phambili nempilo, wathembisa ukwenza eminye imicimbi.