INYANGA yodumo, uBongolethu “ Dr Khehlelezi” Mzozo enohlelo olukhuluma ngempilo yesintu kuYotube, ihlokoloze izinqandu ngenkulumo ayenzile okuthiwa ithunaza isithunzi sabantu abaphila nebala elimhlophe.
Kwi-video uDr Khehlelezi ozwakala ebiza lolu hlobo lwabantu ngeziphiwo, uthe bathatha izinhlanhla zabantu abathandana nabo ngenxa yamandla abanawo.
Uthe abantu abanebala elimhlophe bayefana nokuthi bangamadlozi aphilayo.
Uphinde waveza ukuthi lolu hlobo lwabantu alungcwatshwa uma izinsuku zabo seziphelile kodwa luyanyamalala.
Ephawula umsakazi u-Andile “ MC Pholobas” Ngcobo ophinde abe nenhlangano elwela amalungelo abantu abaphila nebala elimhlophe iMasiqoqane Albinism Foundation, uthe inkulumo kaKhehlelezi ibehlisa isithunzi.
“Into ayikhulumayo ikhomba ukuthi usibukela phansi futhi kumele ifakelwe izibuko. Yingakho siludlulisele kubameli udaba. Kuyacaca phela manje ukuthi kumele sizivalele ezindlini ngoba asiphephile,” kusho uMC Pholobas.
Umculi weGospel uSgwili Zuma, uthe, ucasulwa elokuthi babizwe ngeziphiwo futhi akaqondi ukuthi lelo gama ilithatha kuphe le nyanga.
“Uyithatha kuphi yonke lento ayishoyo. Akasicacisele ukuze sibe nolwazi nathi. Yonke into ayikhulumayo ingamampunge wodwa. Ngizizwa ngiphoxeka kakhulu ngale nkulumo yakhe,” kusho uSgwili.
Ethintwa uDr Khehlelezi ubuze intatheli ukuthi abantu abekhuluma ngabo kwinkulumo yakhe ababoni yini ukuthi uyabaphakamisa.
“Abavule icala uma bethanda ukulivula. Nami nginayo ingane enebala elimhlophe ngakho - ke ngingababandlulula kanjani. Abazinike ithuba bayilalele kahle into ebengiyisho,” kubeka uKhehlelezi.