ABASEBENZI bafuna uhulumeni angenelele avimbe izinkampani ezisebenzisa isigaba somthetho u-189 sokudiliza abasebenzi. Basola ukuthi basuke bebajezisa uma kukhona lapho bephakamisa ukungeneliseki ngokuthile okwenziwa ngabaqashi.
Lokhu kuvele ohlwini lwezikhalo zabasebenzi, emashini yezinyunyana ezingaphasi kwemifelandawonye, iCongress of Trade Unions neFederation of Unions of South Africa ebiseThekwini, izolo.
Lezi ziteleka zabasebenzi ebeziholwa yiCosatu, beziqhubeka nakwezinye izifundazwe. Efunda uhlu lwezikhalo uNobhala weCosatu KwaZulu-Natal uMnuz Edwin Mkhize, uthe lesi sigaba somthetho esigunyaza ukudilizwa kwabasebenzi, kunabaqashi asebesisebenzisa ngenhloso yokwenyusa nje inzuzo noma ukuziphindiselela uma kukhona lapho abasebenzi bekhala ngokunganeliseki.
“Sinalo uhlu lwezinkampani ezizimele ezixhaphaza abasebenzi zisebenzisa lolu hlelo. Sifuna uhulumeni angenelele ,ukunqanda lesi sihlava njengoba bebaningi abantu abaphelelwa imisebenzi, abadilizwa kungenasidingo,”usho kanje.
Kulolu hlu, abasebenzi baphinde baveza ukukhathazeka kwabo ngesimo somnotho kuleli abathi sicindezela abantu abahluphekayo. Bakhale ngokufakwa ngaphansi kwezinkampani ezizimele kwamabhizinisi kahulumeni, ukugida ndawonye kwamaholo namanani okudla, ugesi namanzi amba eqolo.
Izikhulu zekhomishini ebhekelele ukuxazulula ukungaboni ngaso linye phakathi kwabaqashi nabasebenzi i-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA), nazo bezikhona ukwemukela uhlu lwezikhalo. Le khomishini ayisalanga ngaphandle ekugxekweni, njengoba abasebenzi bekhala ngokuchema kwayo nomqashi uma kumele ixazulule ukungaboni ngasolinye. Bathi bafuna okhomishana abahlalela amacala, baveze izinkampani abacheme nazo okukholakala ukuthi zibanika intshontsho ekuqinisekiseni ukucindezelwa kwabasebenzi.
Kugxekwe noMasipala iTheku ngohlelo lwawo lokudiliza abasebenzi, izinyunyana zibanqumela ugwayi katiki ngokuthi babuyiselwe emsebenzini. Kukhalwe ngohlelo lokwenyuka kwamanani kagesi namanzi kulo masipala.
Isibalo sabebeyihambele imashi eseThekwini besisisincane ukuqhathanisa nezifanayo eminyakeni edlule. Abebemasha bebehlukene amaqoqo amathathu, kuze kwaqaala izinkulumo elinye iqoqo lisayibhikla emgwaqweni.
Phakathi kwezinhlangano ebezimelelekile ukuxhasa lesi siteleka, yi- South African National Civics Organisation, South African Communist Party neCongress of South African Students.
Bonke abebekhuluma egameni lezinhlangano, bagxeke uhulumeni wobumbano, beveza ukuthi iqembu elibusayo alizange libafake ezingxoxweni okwakudingidwa ngokubunjwa kwawo.
Kwabamukele uhlu lwezikhalo, uNgqongqoshe woMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe Dkt Blade Nzimande obemele uhulumeni kazwenke, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi onguMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu obemele uhulumeni wesifundazwe, yiMeya kuMasipala iTheku uMnuz Cyril Xaba, abebemele i-CCMA nabebemele inhlangano yosomabhizinisi.