IMENENJA ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, isigxekile isigameko sokubulawa u kukasomatekisi eVerulam ngoLwesithathu.
Kulesi sigameko kuthiwa kudutshulwe kwabulawa uMnuz Sbu Ndlovu (38) okuthiwa unamatekisi ahambela eCornubia. Kulesi sigameko esenzeke ngaphandle kwesikole iLotusville Primary kulimale nomfundi oneminyaka eyishumi okuthiwa ushawe yinhlamvu ebindiza.
UShangase uthe nakuba bengasho ukuthi bakhuthaza ukuthi umuntu kufanele adutshulwe abulawe endaweni engenamuntu kodwa kubuhlungu ukuthi izigilamkhuba ziyodubulela umuntu ngasesikoleni.
“Noma ngabe bebemhlasela kude nesikole lapho ebezobe ehamba yedwa khona, besisazosho ukuthi akufanele kuhlaselwe umuntu abulawe ngesihluku. Kodwa kusizwisa ubuhlungu kakhulu uma sebekwenza eduze kwesikole, lapho kukhona izingane khona,” kusho uShangase.
Uthe enye into eyakha isithombe esingesihle ngobulwane obenziwe abahlaseli ukuthi maningi amathuba okuthi umgilwa kungenzeka ukuthi ubeyolanda izingane zakhe esikoleni okusho ukuthi nazo ukube bezingaphakathi emotweni bezizothola amachaphazelo.
“Yize kungasenzekanga lokho, kusizwisa ubuhlungu ukuthi ahlaselwe ngaphandle kwesikole ngoba lokhu kuyafana nokuthi bambulalele phambi komndeni wakhe ngoba kunokwenzeka ukuthi izingane ziphume zazithela phezu kwenhlekelele yokubulawa kukayise,” kusho uShangase.
Uthe ziyabakhathaza izigameko zokubulawa kosomatekisi eVerulam, wathi yize bengakatholi ukuthi imbangela yokubulawa kwabo yini kodwa bayanxusa ezinhlakeni zemboni zendawo ukuthi uma inkinga ingaphakathi, akubekwe phansi izibhamu.
Uphethe ngelithi badlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi, bafisela nomfundi odubulekile ukwelulama ngokushesha.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo iReaction Unit South Africa, uMnuz Prem Balram, uthe banikele endaweni yesigameko emva kokuthola inqwaba yezingcingo zibabikela ngesigameko.
Uthe bafike bathola owesilisa obedutshulwe kaningi ekhanda nasemzimbeni esethulele emotweni yakhe iToyota Hillux.
“Kutholakale amagobolondo e-9mm nawolunye uhlobo obekubonakala ukuthi isibhamu esikhulu. Umufi naye besikhona esakhe isibhamu i-9mm kodwa besisenqulwini. Abazibonele bathe kuqhamuke imoto iMercedes Benz e-silver ebingenazinombolo ebebephakathi badubula bebhekise kumufi,” kusho uBalram.
Uthe abafundi ebebelinde ukuthi bagoduke, nabazali ebebezolanda izingane zabo kuphoqeleke ukuthi babaleke bayocasha.
“Ilapho okudubuleke khona umfundi, kwathi abanye bahuzuka emva kokuwa,” kusho yena.
Imizamo yokuthola umndeni kasomatekisi ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.