OWESILISA obezenza isosha lombutho weSouth African National Defence Force (SANDF), ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele.
Uphinde wabekwa elinye icala lokugqoka umfaniswano walo mbutho ngaphandle kwemvume.
U-Irvin Thapelo Mokgosi ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda ePitoli.
Inkantolo iphinde yathola ukuthi ubengakulungele ukuba nesibhamu, njengoba umthetho uSection 103(1.) (g.) of the Firearms Control Act 60 ka-2000 umphikisa.
UMokgosi waboshwa abombutho i-21 South African Infantry Battalion Tshwane Regiment, ePitoli ngoMeyi 17 2019 ngokuphula umthetho uSection 104 (5.) (9.) of the Defence Act 42 ka-2000.
NgoMeyi 14 kulo nyaka ummeli wakhe uwavumile onke amacala kaMokgosi obekade engekho enkantolo, wamcelela ukuthanjiselwa isigwebo ngokwesigaba 105(a.) seCriminal Procedures Act.
Umkhuzi weSANDF uGeneral Solly Shoke, usamukele lesi sigwebo, wathi ngeke kubekezelelwe ukuphulwa komthetho kuleli.
Uthe ukugqoka umfaniswano walo mbutho nokuzenza ilungu lawo, yicala elibomvu.