INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu igwebe abane abalahlwe yicala lokubulala ngesihluku isihlobo somunye wabo, okuthiwa basishaya ngesagila ngaphambi kokusiklinya saze safa, sisolwa ngokuthakatha okwenza siphumelele sodwa emndenini, esigamekweni esenzeka ngo-2021.
Inkantolo igwebe uSiyabonga Shelembe (37) udilikajele ngecala lokubulala ubabekazi wakhe uNksz Tholakele Cynthia Shelembe (53) okuthiwa wayemsola ngokuphehlela amalungu omndeni amanzi amnyama, okwenza aphumelele yedwa emndenini. Ugwetshwe nozakwabo okuthiwa wabanxenxa ukuthi bamlekelele ekubalaleni umgilwa okungoThobani Mkhize (23) naye onikezwe udilikajele ngecala lokubulala, kwathi uThandolwethu Sibisi wagwetshwa iminyaka engu-25, kuSiphelele Cele (21) yaba ngu-18 ngamacala okubamba inkunzi.
Emva kokuthi inkantolo ilalele izethulo zabameli babamangalelwa isehlisile lesi sigwebo, njengoba kuvele enkantolo ukuthi babebancane ngeminyaka ngesikhathi kwenzeka icala futhi baxolisa emndenini wakwaShelembe ngokuwuzwisa ubuhlungu.
UShelembe noMkhize banikezwe iminyaka engu-15 bebhadla ejele kwathi uCele noSibisi bagwetshwa eminyaka engu-10 nengu-12 ngokwehlukana.
Kuthiwa uCele, uSibisi noMkhize basuka eMlaza baqonda eNyangwini kuMasipala Ugu, lapho babezohlangana khona noShelembe, owabatshela ngeqhinga lakhe lokubulala ubabekazi. Wabatshela ukuthi uma sebembulele, bathathe izimoto zakhe ezimbili okuyizona ababezozikhokhela ngazo ngomsebenzi ababezowenza.
Kuthiwa bamhlasela ngesagila ababesinikwe uShelembe bamklinya ngaphambi kokuthi bathathe izimoto zakhe ezimbili bahambe nazo. Eyodwa kuthiwa bayishisa kwathi enye bayidayisa bahlukaniselana imali. Kuthiwa uShelembe waboshwa ngakusasa emva kokuthi ebonwe umuntu omaziyo owambona ngesikhathi kuthathwa izimoto zikababekazi wakhe, okuwuyena owakhipha abanye ayenabo.
UMshushisi u-Advocate Nkonzo Mlotshwa uhole ubufakazi bomunye ufakazi owayenalaba ngesikhathi kwenziwa icala. Kuphinde kwafundwa isitatimende sendodakazi kaShelembe eveze ukuthi unina wayeyinsika emndenini. Imizamo yokuphonsela inselelo isinqumo senkantolo ukuthi kubuyekezwe isigwebo ayiphumelelanga.
Okhulumela uphiko lwezokuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Natasha Ramkisson Kara uthe bayasemukela isigwebo.
“Siyathemba ukuthi sizothumela umyalezo oshubile kwabanentshisekelo yokwenza ubugebengu obufanayo. Sincoma umsebenza owenziwe yilolu phiko namaphoyisa,” usho kanje.