SIGIXABEZWE ngeminye iminyaka ewu-10 isikhulu soMnyango wezaseKhaya esivele sidonsa esinye isigwebo, emva kokulahlwa amacala okukhwabanisa nenkohlakalo ephathelene nokukhiqizwa kwezimvume zokuvakashela kwamanye amazwe ezingombombayi okuthiwa zenzelwe abokufika kuleli.
INkantolo yamaCala aphathelene nezeMali eThekwini, ngoLwesihlanu, igwebe uNomthandazo Mboyana (45) waseQueenstown, e-Eastern Cape, iminyaka ewu-10, ngamacala athinta ukukhwabanisa nokushintshisana ngemali ngendlela engekho emthethweni kulandela ukuthengiselana okuvele ukuthi kwenzeka izikhathi ezingu-66.
Lapha kwakudayiswa ama-passport omgunyathi okubandakanya nokushintshwa kwezithombe kuwona kufakwe ezabokufika abangamakhasimende okwenzeka emahhovisi alo mnyango aseThekwini.
Ugwetshwa nje, uvele udonsa isigwebo seminyaka eyisishiyagalombili azoyihlala ejele kwelinye icala elifanayo avulelwe lona nozakwabo u-Anda Ngozi (36), emva kokuthi kuthe ngenyanga edlule, iNkantolo yeMantshi yaseThekwini, yamnikeza isigwebo seminyaka engu-22, kwathi uNgozi wagwetshwa ewu-26 kuleli cala, yena uzohlala ejele ewu-10 ngapahakathi ejele.
Lawa macala kuthiwa enziwe ngo-2020, njengoba kuvele ukuthi lezi zikhulu ebezisebenzela emahhovisi omnyango wase-Eastern Cape, bezisuka khona zigitsheliswe ziphinde zilaliswe emahhotela ngabathile okukholakala ukuthi basekhaleni lalobu bugebengu, bese zikhokhelwa uR3 000 i-passport ngayinye.
Lezi zimvume zokuhambela kwamanye amazwe kuthiwa zidayiselwa abakofika abavela emazweni ikakhulu answinyiwe, abantu bakhona okunamazwe abangavunyelwe ukuya kuwona. Bathenga lezi zimvume ukuze kube sengathi bangabokudabuka kuleli okuthiwa kwakha isithombe esingesihle ngaleli lizwe kwazise abazithengayo, isikhathi esiningi, basuke behlela ukuyoganga emazweni abawavakashelayo.
Khonamanjalo: NgoLwesihlanu, kulindeleke ukuthi iNkantolo yeMantshi yaseThekwini, igwebe esinye isikhulu kulo mnyango, uZime Shange, obesebenzela emahhovisi omnyango aseNdwedwe, naye olahlwe ngamacala afanayo.