INGXABANO yamabhungu amabili ahlala emgwaqweni abizwa ‘ngamaphara’, okuthiwa abelwa ebanga amakhadibhothi, iholele ekuphumeni kwesidumbu koyedwa wawo ogwazwe ngomunye nge-screw driver wafa.
Ngokusho kozibonele ngokwakhe kwenzeka isigameko, ongathandanga ukudalulwa igama lakhe, uthe indaba isuswe wukulwa kwalaba balisa ababili - bezama ukuphucana amakhadibhothi emfucuza ekhishwa eBlue Waters Hotel, eThekwini, izolo ekuseni.
“Bajwayele ukuza la bezothatha imfucuza yamakhadibhothi esuke ikhishwa ngabaseBlue Waters Hotel uma beqeda ukuhlanza ihhotela ekuseni, abayithatha bayoyidayisa noma bayisebenzisesele ukwenza okunye.
“Ingxabano yabo iqale ngenkathi bezama ukuphucana la makhadibhothi, kwaba wububhudubhudu belwa - ngabona lo omunye ewa phansi esegwazwe ngabelwa naye nge-screwdriver, washonela endaweni yesigameko,” kuchaza othi uzibonele ngokwakhe kwenzeka.
Esinye sezisebenzi zaseBlue Waters Hotel, naso esingathandanga kudalulwe igama laso ngenxa yovalo ngomsebenzi waso, naso siqinisekise ukuthi isisusa sale ngxabano wukubangwa kwamakhadibhothi okuthiwa bayawadayisa.
“Ngizibonele ngokwami kwenzeka. Kuthe esemgwaze nge-screwdriver, washaya wachitha ebalekelela ukuthi angaboshwa uma sekufike amaphoyisa.
“Kungithusile ukuthi kungani kube nengxabano namhlanje, ngoba bajwayele ukufika bezothatha noma yini eyimfucuza ngaphandle kwenkinga,” kuchaza isisebenzi sasehhotela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesilisa ePlayfair, eNorth Beach, izolo ekuseni.
“Kubikwa ukuthi isidumbu sakhe sitholwe sinenxeba lokugwazwa esifubeni,” kusho uConstable Ngcobo.