Indlala ezweni elingumakhelwane iZimbabwe isidale ukuthi kuqhanyukwe nohlelo lokuthi kuzingelwe izindlovu ezingu-200 ukuze zidliwe ngabantu.
UNgqongqoshe wezeMvelo eZimbabwe, uMnuz Sithembiso Nyoni, ucashunwe kwiBulawayo24, ethi uhulumeni ucabanga ukunqanda ukungqubuzana phakathi kwezilwane nabantu ngokuthi kuzingelwe izindlovu ezigcwele ngokweqile ezweni. Lokhu kuhloswe ngakho ukuqeda indlala nokunciphisa izindlovu.
“IZimbabwe inezindlovu eziningi kunezidingayo. Sinezindlovu ezidlula amahlathi ethu. Njengohulumeni sikhuluma neZimParks (Zimbabwe Parks and Wildlife Authority) neminye imiphakathi ukwenza okwake kwenziwa yiNamibia ukuze sibulale izindlovu bese sinxenxa abesifazane ukuthi bomise inyama, bayipakishe bese benza isiqiniseko sokuthi ifika emiphakathini edinga umsoco,” kusho uNyoni.
Kuthiwa indlala eZimbabwe idalwa yisomiso esihlasele kuleliya zwe.