IGOQWA ngokugqugquzela abashayeli bezimoto ukuthi baziphathe kahle emgwaqweni inyanga yezokuthutha, u-Okthoba njengoba uMnyango wezokuThutha kwaZulu-Natal, ubambisene nomasipala waseMsinga usemkhankasweni wokuqwashisa abashayeli.
Imeya yaseMsinga uDkt Felinkosi Joshua Sikhakhane, ohamba nePhini lemeya yakulo Masipala, uNksz Thenjiwe Mbatha nesigungu esiphezulu sikamasipala bebeku-ward 18 muva nje lapho bebeqhuba khona umsebenzi. NabeSantaco bebeyingxenye yalo mkhankaso ophelele ePomeroy.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2020, abantu basePomeroy bagqoma umgwaqo u-R33 ngamapiki bawushiya unemigodi bekhala ngokugqoza kwentuthuko kule ndawo. Lesi senzo sashiya uMnyango wezokuThutha kulesi sifundazwe uthukuthele waze wasikaza nokungawulungisi umgwaqo, ucasulwa yisenzo sabantu.
Imeya ithathe isinqumo sokuthi iwugxilise kule ndawo umkhankaso wayo.
“Ngaphandle kokuthi sisenyangeni yezokuthutha kubalulekile ukuthi sigqugquzele abashayeli nomphakathi ngokuphepha emgwaqweni. Lo mkhankaso siwuqinisa kakhulu njengoba sekusondele nesikhathi sokuphela konyaka esivamise ukuba nezingozi eziningi zomgwaqo,” kusho iMeya uDkt Sikhakhane.