KUGQUGQUZELWE umphakathi ukuthi ufake izicelo zemisebenzi kuhulumeni, kwethulwa uhlelo olusha okuthiwa lwenza kube lula kakhulu kwabafuna ukufaka izicelo zokuqashwa emikhakheni ehlukene.
UNdunankulu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube- Ncube, wethule lolu hlelo emcimbini wokwethulwa kwabasebenzi abangu-17 000 abaqashwe ngaphansi kohlelo, i-Community Works Programme esifundazweni, obusenkundleni yezemidlalo iHarry Gwala, eMgungundlovu, ngoLwesine.
UNkk Dube-Ncube uqinisekise ukuthi lolu hlelo lokufakwa kwezicelo zemisebenzi kuhulumeni luzosebenzisa ezobuchwepheshe okuzokwenza kube lula.
“Ngalolu hlelo abantu sebezokwazi manje ukuthi noma behleli ekhaya bavule amaselula abo, bafake izicelo kunoma yimuphi umsebenzi abafisa ukusifaka kuwo ngokungena kwi-website.
“Uma ungakwazi ukufaka isicelo noma ungenawo ama-data, senze kwaba lula njengoba kuzona zonke izikhungo zikahulumeni kuzoba nababhekelele ukulekelela abantu ukuthi bafake izicelo, babafundise ukuthi bengazifaka kanjani noma uma ungena kwi-You Tube kukhona okuqoshiwe okukuchazela ngendlela yokufaka isicelo,” kusho uNkk Dube Ncube.
Uthe lena ngeminye yemizamo kahulumeni wesifundazwe okuhloswe ngayo ukwehisa izinga labangasebenzi, wathi bahlaba ikhwelo nakosomabhizinisi ukuthi balekelele ekulweni nokungasebenzi kwabantu.
Ubehambisana noNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu kulesi sifundazwe, uNkk Bongiwe Sithole Moloi. UNkk Sithole Moloi uthe ukuqashwa kwabangu- 17 000 ngaphansi komnyango wakhe ohlelweni lwe- CWP, kuyisigaba sokuqala kanti esesibili siyalandela.
“Sebebonke abazoqashwa ngaphansi kwalolu hlelo bangu- 45 000. Abangaphansi kwalolu hlelo bazothola izibonelelo ezikaphakathi kukaR950 kuya kuR2 700 ngoba kuzoba nababheke umsebenzi nabanye.
“Lokhu kuzokwenza umehluko omkhulu, kukhombisa ukuthi uhulumeni uzinikele kangakanani ekwakheni amathuba emisebenzi,” usho kanje.
Uthe ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kuyingxenye yohlelo lukahulumeni okuhloswe ngalo ukwehlisa isibalo sabangasebenzi olwaziwa nge- S’thesha Wayawaya.