KUNXENXWA abantu ukuthi baqede indlala futhi badale amathuba omsebenzi ngokutshala amakhowe besebenzisa ubuchwepheshe baseChina obubizwa ngeJuncau Technology obenza impilo ibe lula.
Lobu buchwepheshe basungulwa nguSolwazi Lin Zahanxi waseFujian Agriculture & Forestry University (FAFU) ngo-1986. Wazakhela utshani obungezinhlobo ezingu-49 bokutshala amakhowe adliwayo nasetshenziselwa ukwakha imithi.
Kuthiwa lobu tshani obucishe bufane nomhlanga, buphinde busize ukuvikela inhlabathi ingaguguleki noma ubusike budliwe yimfuyo.
UMnuz Hui Lin ongumqondisi wezokuqeqesha eChina National Juncao Research Center of Juncao Technology, uthe iSilo esesebuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, wakugqugquzela ukusetshenziswa kwe-Juncao ngesikhathi evakashele esikhungweni sabo okuyinto ayenza kwaze kwaba yikathathu.
“Lobu buchwepheshe benza ukuthi kuhlale kunokudla okunomsoco futhi budala amathuba omsebenzi nokwenza imali. Amazwe amaningi asathuthuka ayabunaka manje. Sikhuluma nje, bangaphezu kwabayisishiyagalolunye omengameli bamazwe asebake bavakashela isikhungo futhi sebusabalale emazweni angu-107,” kusho uLin.
Uthe isikhungo sivule amagatsha emazweni angu-13 okuhlanganisa nesiseCedara College of Agriculture eduze kwaseHowick.
UMnuz Lungelo Dlamini osebenza ngezesayensi eMnyangweni wezoLimo KwaZulu-Natal, uthe i-Juncao yethulwa kubo ngo-2005, futhi bayisebenzisela ama-oyster mushroom.
Uthe sebeqeqeshe abalimi abangaphezu kwenkulungwane. Uqhube wathi babheke ukungagcini ngokuyisebenzisela amakhowe kodwa nangezinye izindlela ngoba isimo sezulu sasesifundazweni iFujian, eChina, sicishe sifane nesaseKZN.
Ugqugquzele abalimi ukuthi bakubheke ukutshala amakhowe ngoba isidingo sawo siyakhula.
Uthe abafuna ukuhlomula kumele baxhumane namahhovisi omnyango asezindaweni abaseduze nazo okuyilapho kunabeluleki babo khona okuyibo abazobasiza mahhala.
ULin noDlamini bebekhuluma nezitshudeni ezingu-17 zaseDurban University of Technology (DUT) ezihambele eChina amasonto amabili ngenhloso yokuyofunda.
Uhambo luhlelwe yiConfusius Institute (CI) yaseDUT neFafu futhi luzosongwa ngoLwesihlanu. Bahambele izindawo ezigcina ulwazi ukufunda kabanzi ngeChina; ikakhulukazi ngeFujian nendlela yesimanje okwenziwa ngazo izinto emikhakheni okubalwa kuyo eyezolimo, imfundo neminye.
Umqondisi weDUT CI, uMnuz Frank Lin Wu uthe babheke ukuthuthukisa ukuqeqeshelwa amakhono futhi ubuchwepheshe ngenye yezinto abaqala ngazo.
“Sibheke ukwakha inkundla ezozuzisa umphakathi ikakhulukazi abantu abasha nezingane ngokubafundisa iMandarin (ulimi lwaseChina) ukubasiza bathole amathuba ahlunene namakhono,” kusho yena.