KUGQUGQUZELWA izakhamuzi zasemalokishini ukuthi zizijwayeze ukubeka imali.
Izikhulumi ezahlukene zabesifazane ezisuka emkhakheni yezimali zicobelelane ngolwazi lokonga nokuba nobudlelwane obuhle nemali ngesikhathi inkampani yokunga imali, iMetropolitan ithula uhlelo lokubeka imali oluhambisana nabantu abahola imali encane, iMetropolitan Sisonke, esithangamini sabezindaba sakamuva ebesise Sandton.
UNksz Ayanda Allie ongumphathi wohlelo, uNkk Mapalo Makhu, uNksz Nozipho Mbere, uNksz Mashudu Lavhengwa, uNkk Tlalane Ntuli bebeshiyelana inkundla.
UNksz Mbere uthe ufisa abantu bakwazi ukukhuluma ngezinkinga zabo zezimali futhi bakhulume ngokubeka imali yezinkinga ezingalindelekile.
“Namhlanje sizokhuluma ngokuthi singakhulisana kanjani siwumphakathi futhi silungisele izikhathi ezingalindelekile ezidinga imali, njengesifo emndenini. Okukhulu wukuthi sifuna abantu bakwazi ukonga futhi bangabi nokuzenyeza ezimweni ababhekene nazo kwezezimali,” kusho uNksz uMbere.
UNkk Makhu uthe abantu kumele bazi ukuthi banobudlelwane obunjani nemali ngoba nayo ibamba iqhaza elikhulu ekuthuthukeni komuntu.
“Kumele abantu bazi ukuthi ngezinye izikhathi imali kayibi khona kodwa bangazizwa benokwesaba ukusho ukuthi kayikho futhi bazifunde ukuthi imali bayiphatha kanjani, ukuze uma sebakha uhlaka lokonga bakwazi ukwakha uhlaka oluhambisana nabo ngqo,” kusho uNkk Makhu.
U-Nksz Mashudu Lavhengwa ongomunye wabasebenzi abahlaziya imbiko yezimali kule nkampani, uthe ukuze umuntu ajwayele ukubeka imali kumele aqale kancane.
“Akulula ukuthi ungaqhamuka usukhuluma ngokonga kumuntu ophila kulesi khathi esinzima lapho ngisho uR500 ungakwazi ukuthenga ukudla okuzophela isonto kodwa kumele siqale ngalokho okuncane esinako, ukuze sakhe isikhwama sokusilekelela ngezikhathi ezinzima,” kusho uNksz Lavhengwa.
UNkk Tlalane Ntuli uthe ngoba bafuna ukubhekana nabantu abayiningi lamakhasimende abo kulolu hlelo, bakhe ukuxhumana nemiphakathi eminingi eyahlukene.
“Yingakho sakhe lezi zinhlelo ezihambisana nayo yonke imiphakathi futhi lapho umuntu ezokhetha umeluleki wezimali ongasendaweni lapho ahlala kuyo, ukuze akwazi ukumeluleka ngendlela ehambelana nesimo sakhe,” kusho uNkk Tlalane Ntuli.