UMXAZULULI wezinkinga zamabhange ugqugquzele abantu ukuthi baqaphele uma bekhokha ngokuthintisa amakhadi, amaselula namawashi ukukhokha.
UNkk Reana Steyn oyi-Ombudsman for Banking Services, uthe ukukhokha ngamakhadi, amaselula namawashi kwenza impilo ibe lula kodwa kufanele abantu baqaphele njengoba le ndlela isisetshenziswa ngamaqola ukweba imali yabantu.
Uveze ukuthi amasela awasagcini ngokweba imininingwane yabantu ngama-emails, ukubafonela nangokubathumela ama-sms kodwa asenendlela yokweba imali yabo esebenzisa amaselula.
Uthe njalo ngonyaka uthola izikhalo kubantu bekhala ngokuthi baqolwe yizisebenzi ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
Ucele abantu ukuthi baqaphele uma bethenga impahla besebenzisa ubuchwepheshe besimanje ngoba izigebengu nazo zisebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuqola.
Uveze ukuthi noma bethenga online kufanele baqinisekise ukuthi izindawo abathenga kuzo zisemthethweni futhi zilandela umthetho wokuvikela imininingwane yabantu.
Uthe izindawo ezivikela imininingwane yabantu ziphoqwa wumthetho ukuthi ziqinise ezokuphepha.
UNkk Steyn ugqugquzele abantu ukuthi bangalokothi bathumele imininingwane yabo eyimfihlo kubantu abangabazi wathi uma kwenzeka besola ukuthi bayaqolwa kufanele bathinte amabhange abo ngokushesha.
Uthe ihhovisi lakhe lisiza abantu mahhala kodwa kufanele abantu baqale ukukhala emabhange ngaphambi kokuthi badlulele kuyena.