KUVUNGUZA umoya wokuthula nozwano phakathi kwabantu baseMzumbe, abavota ezikhungweni ezehlukene endaweni.
Zivulwe ngesikhathi esifanele izikhungo zokuvota endaweni kanti akubikwanga zihibe. Phakathi kwabantu abebezovota bekuxubene abadala nabancane. Bebehleli izixukwana ngaphandle kwezikhungo abanye bebambe imigqa belinde ukungena ngaphakathi ukuze bavote.
Kuzo zonke izikhungo bekubonakala amaphoyisa ahlomile eqaphe isimo futhi ehla enyuka ngaphandle nangaphakathi ezikhungweni. Yize bekunabantu bamaqembu ahlukene kodwa bebehleli ngokuzwana bedansa bexoxa.
Amanye amalungu omphakathi athe avuke ngovivi ezilungiselela ukuvota, abelubheke ngabomvu usuku lokuvota. Bathe banezikhalo ngentuthuko ikakhulu amanzi namathuba emisebenzi. Kukhona abakhononde ngokuthi amanzi aphuma kanye emuva kwesikhathi eside futhi namaloli athwala amanzi awafiki.
Abanye bathe bahleli nezingane ezifundile emakhaya kodwa aziqashiwe. Bathe kukhona abake bakubona phambilini okuyizindlu nogesi kodwa kusashoda.
Kulindeleke ukuthi ukuvota ezikhungweni kuqhubeke kuze kushaye u-9 ebusuku uma sekuvalwa izikhungo.