UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka unxuse abafundi baka-matric ukuba baqinise ezifundweni zabo njengoba sekusondele izivivinyo.
UNgqongqoshe usho kanje ngesikhathi evakashele esikoleni eNdukwenhle High, eMlaza, ngoLwesibili ehambisana nenkampani kaphethroli iShell Downstream South Africa beyothula uhlelo lwemifundaze kubafundi abaphasa ngamalengiso njengoba sekusele izinsuku ezingu-19 kuqale izivivinyo zika-matric zokuphela konyaka. Ezinye zezikole ebeziyingxenye yokuthamela ukwethulwa kwemifundaze kubalwa iVelabahleke High kanye neMenzi High okuyizikole ezenza kahle esifundeni saseMlaza.
Ekhuluma nabezindaba, uthe uma sekusondele izinsuku zezivivinyo izingane ziyathuka.
“Abanye abalali nasebusuku futhi noma ungathandaza, kodwa uma ungafundanga ngeke uphase ngoba uNkulunkulu usiza ozisizayo. Abafundi kumele basize uNkulunkulu ngokuthi bafunde futhi uma abafundi bethandaza, kumele bathandazele ukuthi babe nothisha abakwazile ukubafundisa baphinde bathandazele nokuthi abakufundile bangakukhohlwa,” kusho uHlomuka.
Uthe uma abafundi bezoba uvanzi bangafundi bazovuna lokho abakutshalie.
“Uma abafundi bezogcwala imigwaqo, baye ezindaweni zokucima ukoma, bese ekugcineni bezitshela ukuthi bazophasa, lokho ngeke kwenzeke. Yingakho sinicela ukuthi niqhubeke nomgqigqo obekwe yilaba abebephambi kwenu ukuthi kuphase wonke umuntu futhi niphase ngamalengiso,” usho kanje.
Uqhube wathi uhlelo lwemifundaze olulethwa yinkampani iShell, lunomthelela omuhle emiphumeleni ka-matric.
“Umntwana owaziyo ukuthi uzothola umfundaze uzoba nesiqiniseko sokuthi uyaphasa ukuze axhaswe. Ngeke axakeke engazi ukuthi uzoshonaphi ngoba uyazi ukuthi uma enze kahle nakanjani uzokuthola ukwesekwa ukuze aqhubeke nezifundo zakhe,” ubeke kanje.
Isikhulu esiphezulu e-Shell Downstream South Afrca, uMnuz Aluwani Museisi, sithe abafundi bayikusasa lezwe.
“Njengoba silapha namuhla sizoninika ithuba lokuthi nizitshele ukuthi ngemfundo ningasishintsha isimo enibhekene naso. Njengenkampani iShell, sizibona singabantu abakha isizwe ngoba isizwe asakhiwa umuntu oyedwa, kodwa sakhiwa ngokubambisana,” kusho uMuseisi.
Uthe ukusiza omunye umuntu kuyingqayizivele futhi ayikho into enhle edlula ukushintsha impilo yomunye umuntu. Uthe njengoba kusele izinsuku ezingu-19 kuqale izivivinyo, abafundi abazimisele, kube semqondweni wabo ukuthi njengoba bezophasa ngamalengiso-nje, iShell izobe ikhona izobasiza ukuze bafeze amaphupho abo.
Khonamanjalo, uNksz Ntokozo Shandu owenza izifundo ze-Science, eMenzi High, uthe uzizwa ehloniphekile ngokunikwezwa leli thuba ngabaseShell.
“Ngizolisebenzisa ngokukhulu ukuzimisela futhi ngikulungele ukubhala izivivinyo. Isikhathi sami samaholidi bengisichitha ngendlela enhle ngenzela ukuthi uma sekufika izivivinyo zingifice ngilindele,” kusho uNksz Shandu.
UNksz Lwandile Ngcongwane waseVelabahleke High, uthe isikhathi esiningi usichitha ngokufunda futhi akafundi kuphela izincwadi zesikole kodwa nezinye uyazifunda ngenhloso yokuzithuthukisa ngolwazi. Uthe uma eseqede u-matric ufisa ukuyokwenza izifundo ze-Aviation abe yi-Commercial Pilot.