UMPHATHISWA wezeziMali KwaZulu-Natal ubikele iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngebanga aselihambile mayelana nezinhlelo ezizokwenza indlunkulu nesizwe bazikhiqizele umnotho ngokwabo.
UMnuz Francois Rodgers uhlangane neMbube eThekwini ngoMgqibelo wayibonga ngokuvuma kwayo ukuthi kusungulwe ibhizinisi lezolimo oluzosimamisa umnotho endlunkulu nakubalimi abasathuthuka.
URodgers uthe ibhizinisi lemikhiqizo yezinkomo lizophinde lihlomulise nosomabhizinisi abasathuthuka kwezolimo.
Osomabhizinisi asebemnkantshubomvu bazolekelela ngokuthi bacobelele abanye ngolwazi oluzokwenza lihlale lisebenza leli bhizinisi nokuthi lingayingenisa kanjani imali.
Kuphinde kwabhungwa nangezinhlelo zokuthi ungakhiqizwa kanjani umnotho emkhakheni wezokuvakasha ezithinta indlunkulu.
“Zingihlaba umxhwele lezi zinhlelo esinethemba lokuzethula neNgonyama ezizokwenza ukuthi indlunkulu izikhiqizele ngokwayo umnotho,” kusho uRodgers.
Umnyango uveze nokuthi lezi zinhlelo wake wazibikela iNgonyama eseyaguqa, iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu eyakhombisa ukuzithakasela.
Khonamanjalo, uzosheshe ufike uKhisimusi emphakathini waseManaba, eMbazwana ozokwembathwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini lapho sizobe sizokwethula indawo ezowuhlinzeka ngezinsiza zikahulumeni.
IManaba Community Centre izovulwa namhlanje ekuseni. Izohlinzeka umphakathi ngezinsiza ezivela eminyangweni kahulumeni ehlukahlukene.
Lapha kubalwa amahhovisi oMnyango wezaseKhaya nawesikhungo esiholela izimpesheni, iSouth African Social Security Agency (Sassa)
Okhulumela iSassa KwaZulu-Natal, uNksz Sandy Godlwana esitatimendeni, uthe lolu ngolunye lwezinhlelo zalesi sikhungo zokuhambela imiphakathi.
“Kuzobe kukhona naboMnyango wezaseKhaya nowezokuThuthukiswa koMphakathi behlinzeka abantu ngezidingo zabo khona eManaba. Lokhu kufakazela ukuzibophezela iSassa enakho ukuthi iqinisekise ukuthi abantu bayazithola izidingo ezimqoka,” kusho uNksz Godlwana.
ISassa inenkolelo yokuthi ukuvula kwayo ihhovisi emphakathini waseManaba kuzosusa umthwalo wokuhamba amabanga amade emahlombe ezakhamuzi.