KUGQAME eyokuswela komphakathi amanzi, izinga eliphezulu lokungasebenzi, ububha obubhekene nomphakathi, ubugebengu nezinye izinkinga kugujwa uSuku lwamaLungelo izolo.
Uhulumeni uveze ukuthi lide ibanga eselihanjiwe njengoba bekugujwa iminyaka engu-29 kwatholakala inkululeko kuleli.
Yize kunjalo kodwa abantu abaningi abanawo amanzi, abanye abanagesi, izinga lokungasebenzi liphezulu njengoba bengu-10 million abantu abangatohozi.
Ekhuluma emgubheni woSuku lweNkululeko eKlerksdorp, eNorth West, uMengameli Cyril Ramaphosa, ubalule izinto uhulumeni asezenzile selokhu elakuleli lakhululeka.
Ubale eyabafundi abafunda mahhala ezikoleni, izitshudeni ezevile ku-700 000 ezifundiswa mahhala emanyuvesi nasemakolishi, abantu abahlomula ngosizo lwezempilo kanjalo nabathole izindlu zamahhala.
Ukhale ngokuthi bayazazi izinkinga abantu abasabhekene nazo wathi bayazilungisa.
Uveze ukuthi abantu abangu-18 million bathola izibonelelo zikahulumeni wathi kuphinde kube no-11 million ohola isibonelelo sabangatohozi.
“Siyazi abantu abangu-10 million abasebenzi. Osomabhizinisi kumele batshale kuleli, bakhe amathuba emisebenzi. Siyazi ngenkinga yamanzi kuleli yingakho ngiyalele uNgqongqoshe wezamanzi ukuthi asheshise indaba yamanzi ezindaweni ezingenawo.”
Uthe kudingeka kubanjiswane ukulwa nobugebengu obudlangile njengoba abantu bengakwazi ukuhamba ngokukhululeka ikakhulu abesifazane abasaba ukudlwengulwa.
Unxuse abagoloza ukukhokhela izidingo abazitholayo ukuthi bakhokhe ukuze nabanye abantu bathole izidingo.
Odabeni lukagesi uthe bafaka umfutho ukulungisa iziphehli zakwa-Eskom, ukuze kuphele ngenkinga yokucishwa kukagesi.
Emgubheni woSuku lwamaLungelo KwaZulu-Natal, beluseMtshezi lapho uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube, ekhale kakhulu ngenkinga yamanzi esifundeni uThukela.
Uthe le nkinga eminyakeni edlule ibingeyimbi kakhulu wathi manje isimo sibi kakhulu.
Ukhale ngokuthi umphakathi uhlala izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili, ungenawo amanzi kulesi sifunda.
“Asike sonke sibhukule noma kuthiwa siyiliphi iqembu, silwe nenkinga yamanzi. Sizolanda onjiniyela abanye asebathatha umhlalaphansi ukuze kuzolungiswa le nkinga yamanzi. Kumele kushaye uJulayi nonyaka amanzi abe esephuma,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe akukho muntu okhipha imali ephaketheni lakhe ukuze ahlinzeke ngamanzi wathi yonke imali iphuma kuhulumeni kaRamaphosa ngakho kumele umphakathi uwathole amanzi ngoba imali iphumile.
Ukhale ngesihlava sokukhulelwa kwezingane ezincane kule ndawo wathi ezinye zazo zigcina zilaxazwa kogogo, ezinye azilutholi uthando olufanele.
Uphawule nangenkinga ebihlasele kwezinye izikole yokungahanjiswa kokudla kwabafundi ezikoleni wathi bayalweseka nophenyo loMnyango wezeMfundo kuzwelonke, ngalolu daba.
Uthe isifundazwe akumele sidume kabi ngezehlakalo zokubulawa kwabantu.
NgoJulayi 27, 1994 kwavotelwa uhulumeni wokuqala wentando yabantu.