KUGCINE kusenele isalukazi (82) esadlwengulwa ngowesilisa (28) Esibizane, eNewtonville, eCreighton.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uthe isalukazi sishone ngenxa yamanxeba ebesinawo emuva kokudlwengulwa.
Uthe ufisa umthetho uvalele owasidlwengula ejele ngoba wabanjwa oqotsheni emuva kokusigila.
Kuzokhumbuleka ukuthi Isolezwe libike ngodaba lwesalukazi emasontweni amabili adlule lapho sangenelwa ngowesilisa silele wabe esesidlwengula.
Wabe esezumeka emuva kokugila leli chilo, isalukazi sathola ithuba lokubaleka sayobikela umakhelwane owahlaba umkhosi.
Owesilisa watholwa endlini yesalukazi ezumekile kunekani lotshwala eduze kwakhe futhi engagqokile, omakhwelane bathinta amaphoyisa abe esembopha.
Okwamanje usavalelwe ezitokisini njengoba kuqhubeka icala.
UNkk Khoza udlulise amazwi enduduzo emndenini wesalukazi.
“Kubuhlungu ukuthi sdlulisa amazwi enduduzo emndenini wesalukazi. Akukho esingakusho okuzobaduduza kulesi sikhathi esinzima kodwa sifuna ukubanika isiqiniseko sokuthi osonhlalakahle bazohlala nomndeni ukuze bawusize ukubhekana nalesi simo,” kusho uNkk Khoza.
Uthe abantu abasha kufanele bavikele abadala emakhaya hhayi ukuthi kube yibona ababazwisa ubuhlungu.
“Abantu abadala kufanele babe nethemba uma bebona abafana emakhaya kodwa manje sebehlala benovalo ngenxa yokuthi yibona ababalimazayo. Abantu abasha sebedla izidakamizwa ezenza ukuthi bagile imikhuba emibi. Sifisa odlwengule ugogo ahlale ejele, asimdingi nje emigwaqweni yethu ngoba uyingozi emphakathini,” kusho uNkk Khoza.