KUYENELE insizwa (17) yaseNsuze, “evuke ekufeni” sekuzofakwa isidumbu sayo emotweni yamaphoyisa ethwala izidumbu, endaweni yesigameko epulazini iWaterfall, eMhlali, oThongathi.
Isolezwe ngeSonto libike ngalolu daba ngeledlule, olwenzeka epulazini. Lithole izindaba zokushona kukaCebo Ximba, ngesihlobo somndeni esiqinisekisile ukuthi kugcine kuyenele.
“UCebo ushonele egumbini labagula kakhulu esibhedlela abelashelwa kuso. Ushone ngoLwesithathu wafihlwa ngoLwesihlanu,” kusho isihlobo esingafunanga ukudalula igama laso.
Siqhuba sithe, ukuvuka kukaCebo kungenzeka ukuthi bekunenhloso ethize ngoba kunguye owamemeza lapho ayegqitshwe khona nomfowabo owashonela esigagengeni. Umufi wathathwa ngamalungu omphakathi ehamba nomfowabo uMnuz Xolani Ximba, nabangani ngoba besolwa ngobugebengu.
Amalungu omphakathi kuthiwa afike abatalabha esigangeni ababekuso maqede avulela ngenhlamvu kubona.
Umfowabo kamufi uXolani, washonela endaweni yesigameko.
UCebo okwathiwa washona ngesikhathi edutshulwa nomfowabo “wavuka ekufeni” ngesikhathi abezimo eziphuthumayo sebelungisela ukufaka izidumbu zabo emotweni yezidumbu.
Oyedwa wabangani bakhe kuthiwa waphunyuka wabaleka engakafiki endaweni yesigameko ebebeyiswa kuyo bobathathu.
Abasolwa abayisishiyagalolunye bavele ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi KwaDukuza, mayelana necala lokuzama ukubulala.