AMAPHOYISA afuna uthuli abasolwa ngamacala okubulala kwabebesenxanxatheleni yezitolo eRichards Bay, izolo ekuseni.
Kulesi sigameko esishiye amalungu omphakathi azibonele senzeka ebambe ongezansi, kushone abahlanu. Abagilwa abane kuthiwa bashone besendaweni yesigameko emva kokudutshulwa, kwathi oyedwa washona esemtholampilo okhona endaweni.
Ngokolwazi oluthunyelwe abezindaba ngamaphoyisa, abasolwa abane kwabahlanu bangene endaweni okupaka kuyo izimoto enxanxatheleni behamba ngemoto encane, bangabuza lutho bavulela ngenhlamvu bebhekise kubagilwa.
Yize imbangela yokubulawa kwalaba abahlanu ingakaziwa kodwa bese kuvele kunezinsolo namahlebezi okuthi kuhlobene nezimpi zombango wokuhweba ngezidakamizwa.
Emva kwalesi sigameko, iMeya kuMasipala waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi ibe nesithangami nabezindaba, inxusa umphakathi ukuthi ungasabalalisi izinsolo ezingakaqinisekiswa ngamaphoyisa.
"Amahlebezi angaba nobungozi. Asiyeke amaphoyisa aphenye athole okuyiqiniso. Laba abahleba emakhoneni ngokuthi kuphathelene nezidakamiza, noma namatekisi abavele naleyo mininingwane balekelele amaphoyisa ukubopha abasolwa," kusho uNgwezi.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele kuleya ndawo emini, izidumbu zabane abadutshuliwe bezisalokhu zidindilizile. Abazibonele ngamehlo abebesaba ukukhuluma nezintatheli ngesigameko, bebelokhu bebabaze njalo ngabakubone kwenzeka.
UNgwezi uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungathathi izithombe zezidumbu uzisabalalise ezinkundleni njengoba kushone elayizolo ingakaziswa imindeni
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Neshiunda, uthe abasolwa bashaye bachitha ngemoto iVW Polo eluhlaza okwesibhakabhaka.
“Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa okwamanje, nakuba kungeke kuvalelwe ngaphandle ukuthi kungenzeka kube yimpi ehlobene nokuhweba ngezidakamizwa.
Amaphoyisa anxusa noma wubani ongaba nolwazi olungasiza ekutheni kuboshwe abasolwa, axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze, noma ashayele ucingo enombolweni yokubika ngobugebengu ethi: 08600 10111 okukanye asebenzise i-MySAPS App,” usho kanje.
Ngesikhathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa KwaZulu-Natal ememezela izibalo zobugebengu zekota yokuqala yonyakazimali u-2023/2024 ngenyanga edlule, lesi sifundazwe singesinye sezifundazwe ezizihola phambili ngamacala okubulawa kwabantu behlangene abikwe emaphoyiseni, njengoba engu-69 amadokodo ophenyo avuliwe phakathi kuka-Ephreli noJuni nonyaka, kanti bangu-183 abagileke kulezi zigameko ngesikhathi esifanayo.