LISONGWE benza isiphakamiso sokuthi kulethwe ubufakazi bethikithi lebhanoyi eligitshelwe wufakazi ngoMsombuluko, abameli babasolwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, izolo.
U-Advocate TT Thobane omele umsolwa wokuqala kuya kowesine no-Advocate Zandile Mshololo, omele umsolwa wesihlanu kuleli cala, bavumelane ngokuthi bazodinga kulethwe lobu bufakazi uma umngani kaMeyiwa, uMnuz Tumelo Madlala, eseqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe namuhla.
Izolo bekuwusuku lwesibili uMadlala ethula ubufakazi bakhe ngokwenzeka ngosuku lwesigameko. Ungufakazi wokuqala kwababesendlini ukuma phambi kwejaji.
“Ngicela ukuthi ufakazi kusasa (esho namuhla) eze nethikithi lakhe lebhanoyi ngoba nginemibuzo engidinga ukuyibuza ethinta lona,” kusho uThobane.
U-Adv Mshololo usukumile naye, wagcizelela ukuthi kuyadingeka kuze phambi kwenkantolo ubufakazi bokuthi ugibele ibhanoyi esuka eThekwini ngoMsombuluko, ngesikhathi ezoqala ukwethula ubufakazi bakhe.
U-Advocate George Baloyi ongumshushisi kuleli cala, uphendule ngokuthi, yize engaboni ukuthi ulwazi olumayelana nokugibela kukaMadlala esuka eThekwini eya eGoli, kungena kanjani ekuthethweni kwecala kodwa uMbuso uzosihlonipha isicelo sabameli.
Ngaphambi kwalokho, kuke kwaba nokuphikisana phakathi koMbuso nabameli.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uBaloyi ezama ukuholela uMadlala ekutheni akhombe kubasolwa abahlanu abangaphambi kwejaji ukuthi nguyena muphi owayenze imiyeko, ephethe isibhamu ngosuku lwesigameko.
Ngesikhathi ethi undlalela ngokuphawula okuthile uMadlala ngaphambi kokuthi amkhombe umsolwa, bobabili abameli basukume ngokushiyana, bephikisana nokuthi lokho kwenzeke.
“Ungakwazi yini ukuthi umkhombe umsolwa owayephethe isibhamu kulaba abangaphambi kwenkantolo?” kubuza uBaloyi.
“Bengifuna ukukwenza lokho kwayizolo. Yikho ngize ngacela ukuphuma kancane enkantolo ngoba benginyanyiswa ngukuba sendaweni eyodwa nalo muntu,” kusho uTumelo, okhuzwe yijaji ukuthi akayibheke indlela akhuluma ngayo, laphinde lamyalela nokuthi azame ukuthi aphendule okubuziwe, hhayi ukuthi akhulume okunye okuseceleni.
“Ngiyaphikisana nokuthi kwenziwe ukukhonjwa komsolwa ngaphakathi enkantolo. Akuvumelekile futhi akubalulekile ikakhulukazi ngoba engibamele abazange bayiswe ohlelweni lapho bekleliswe khona babe sebeyakhonjwa,” kusho uThobane.
Ngaphambi kwalokho, uMadlala ubesaqhubeka nokunikezela ubufakazi bakhe ngalokho okwenzeka endlini ngosuku lwesigameko.
Ubesaqhubeka nokuchaza ngalokho athi kwenzeka kusukela ngesikhathi kungena izigebengu ezimbili endlini, kuze kuba ngesikhathi besesibhedlela lapho ababephuthumise khona uMeyiwa emva kokudutshulwa kwakhe.
Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi kusasa, kulalelwe enkantolo efanayo isinqumo sokuthi ziyadatshulwa yini izincwadi zobengummeli womsolwa wokuqala kuya kowesine kuleli cala, u-Adv Malesela Teffo, emva kokuthi inhlangano yabameli, iLegal Practice Council, imgxeke ngokungaziphathi kahle kuleli cala.