AMAPHOYISA aphume inqina athungatha umshayeli wetekisi nomsizi wakhe, okuthiwa bangaba wusizo ecaleni lokudlwengula kushintshwana ngomgibeli wesifazane eCato Manor, eThekwini.
Owesifazane oneminyaka engu-22 kuthiwa wadlwengulwa enkundleni yezemidlalo kule ndawo ngoJulayi 15 nonyaka, ebusuku ngo-8 .
Amaphoyisa asesiteshini iBrighton Beach, ophikweni oluphenya amacala odlame emndenini, ukuvikelwa kwezingane nathinta ucansi, acela usizo lomphakathi ongaba nolwazi olungasiza ekuboshweni kwabasolwa.
Kusolakala ukuthi owesifazane wayekade egibele itekisi eyayizomshiya lapho ehlala khona eMayville.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe umgilwa walandisa amaphoyisa wathi umshayeli nomsizi wakhe banqaba ukumehlisa etekisini isiseMayville.
Uqhube wathi umgilwa walandisa amaphoyisa wathi amadoda amsabisa ngesibhamu.
“Kuthiwa amadoda ashayela itekisi aya enkundleni yezemidlalo nomgilwa afike amdlwengula eshintshana ngaye, maqede ambamba inkunzi emphuca imali neselula,” kusho uLt Col Gwala.
Emuva kwesehlakalo kwavulwa icala lokudlwengula nelokuphanga esiteshini samaphoyisa saseCato Manor, idokodo ladluliselwa eBrighton Beach, ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
ULt Col Gwala ucele noma wubani emphakathini onolwazi ukuthi bangatholakala kuphi abasolwa, aludlulisele kuSergeant Fynn kwi: 082 418 1264 noma eCrime Stop kwethi: 08600 10111.
Amaphoyisa athe kungabikwa nakwi app yawo i-MYSAPS App.