AMAPHOYISA aseDennilton athungatha iziboshwa eziyingozi ezeqe ziphuma enkantolo zilubangise ekhulukuthu.
Lezi ziboshwa bezisendleleni esuka eGroblersdal zibheke ejele laseWitbank ngoLwesithathu ekuseni ngo11 ngesikhathi zeqa.
Lezi ziboshwa ezintathu, nguMichael Masimula, Mahlatse Matebane noLovemore Moshui. Ziseminyakeni ephakathi kuka-20 no-40 ubudala. Bezivele eNkantolo yeMantshi eGroblersdal ngoLwesibili.
“Iziboshwa lezi ezitoke ejele laseWitbank futhi bezibuyiselwa kulo ngemuva kokuvela enkantolo zihamba nezinye iziboshwa ezintathu,” kusho uBrigadier Motlafela Mojapelo, okhulumela amaphoyisa eMpumalanga.
Kuthiwa laba beqe ngasenxanxatheleni yezitolo, iMoutse Mall eDennilton.
Bebevele enkantolo ngamacala athinta ukubulala, ukudlwengula, ukugebenga imoto yemali nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba uqaphele ngoba bayingozi kakhulu emphakathini futhi umphakathi kawufanele uzibambela wona ngokwawo.
Uma kukhona onolwazi ngalaba kumele axhumane noLieutenant Colonel Richard Boshomane ku-079 894 5501, noma ashayele inombolo yeCrimeStop 086 0010 111.