KUZOFUKULWA abafundi basemakhaya ngezinhlelo zemfundo eMontebello, eNdwedwe ngomhla ka- 2 Sephthemba.
USihle Luthuli ongomunye wabahleli balo mcimbi uthe ngalolu hlelo bahlose ukuthuthukisa nokucija intsha yasamakhaya ngemfundo.
“Isikhathi esiningi izindawo zasemakhaya zivaleleka ngaphandle, ngalolu hlelo sihlose ukufukula intsha yaseNdwedwe. Sibize amaciko afana noNtencane bathandwa kakhulu kulezi zindawo. Siyazi ukuthi umyalezo uzodluliseka kalula.
Kubalulekile ukuqaphela ukuthi ukuvimbela ukusetshenziswa kwezidakamizwa kudinga izindlela ezehlukene ezihlanganisa ukusebenzelana nomphakathi nokusebenzisana phakathi kwababambe iqhaza abahlukahlukene, ukuhlanganisa izinhlangano zikahulumeni, ezingekho ngaphansi kukahulumeni, izikhungo zemfundo nabaholi bendawo.
Ngokubhekana nezinselelo eziwumsuka ezinomthelela ekusetshenzisweni kwezidakamizwa kanye nokuhlinzeka ngamathuba okukhula okuhle, imiphakathi yasemakhaya inganciphisa ngempumelelo ukusabalala kwezidakamizwa entsheni yayo,” kusho uSihle.