KUFE nodabuka kulesi sifundazwe, empini yamaphoyisa nosolwa ngokuba wubhongoza ekuqhwageni ngodli imali yomphakathi nosomabhizinisi eMthatha, esifundazweni i-Eastern Cape, obezibiza ngenkosi eyaqokwa ngabantu.
UMnuz Senzo Ndlovu waseRichmond, KwaZulu -Natal, kuthiwa ungomunye wabaqaphi ababili bakaMnuz Sakhumzi Dalinzolo Mareke (42), okuthiwa bobathathu bafe ujuqu bedubulana namaphoyisa.
UNdlovu kuthiwa ubesebenza njengomqaphi kaMareke ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa okuthiwa abelandela umkhondo ngezenzo zabahlalise lubhojozi umphakathi nosomabhizinisi kuleya ndawo agasele emzini wakhe (uMareke).
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa obusondelene noNdlovu, uthe ubesenesikhathi esebenza njengomqaphi, ngakho abakholwa ukuthi kukhona okumhlanganisa nalobu bugebengu ngaphandle kokuthi ubesebenza.
“Besingazi nokuthi umuntu amgadayo usolakala ezenzweni ezinje. USenzo bekuwumuntu nje ohloniphayo, wahamba nje kuwumuntu eyosebenza kusho ukuthi uthelwe amachaphazelo,” usho kanje.
Kuthintwa udadewabo kamufi uNksz Amanda Ndlovu, ukuqinisekisile ukushona komfowabo kulesi sigameko wathi bewumndeni bacela ukungaphawuli ngalolu daba kwabezindaba kuze kube uyafihlwa.
Ekhuluma nabezindaba izolo e-Eastern Cape uKhomishana wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Fannie Masemola, uthe amaphoyisa anomsebenzi wokuvikela umphakathi kanye nawo.
“Lezi zigameko ezihlalise kabi umphakathi, azibikwa ngokwanele emaphoyiseni. Selokhu kuvulwe inombolo yamahhala yokumpimpa ngazo eMthatha emasontweni adlule, zisengu-1 180 kuphela izingcingo ezisangenile zibika ngalobu bugebengu. Kuzona, ezingu-688 ezabafona bedlala. Angu-33 amacala abikiwe mayelana nalobu bugebengu” usho kanje.
Uthe amaphoyisa asebenza ngokuzinikela ukuqinisekisa ukuthi abathintekayo bayaboshwa, kwenzeke ubulungiswa. Selokhu kuqale lezi zigameko, bevile ku-10 abasolwa ezifundazweni ezehlukene asebebulewe bedubulana namaphoyisa okukholakala ukuthi bathinteka ekufuneni ngodli imali yomphakathi.
Kukholakala ukuthi omunye umsolwa uzame ukuhlasela iphoyisa lophiko i-National Intervention Unit elalikhona kudutshulwa uMareke nabaqaphi bakhe, kodwa wagcina eboshiwe.