Bathelwe amachaphazelo ento abangayazi ababili abadutshulwe bafa kanye nosomatekisi kwa-J KwaMashu ngoLwesibili.
Kulesi sigameko kufe usomatekisi uMnuz Fakazi (54) igama lakhe elingatholakalanga, uMnuz Thokozani Nyawo (24) noNksz Nosipho Gumede (28).
Isolezwe lithole ukuthi ngaphandle kokuba namatekisi ahambela eNdwedwe naseThekwini ngaphansi kukasoseshini waseKenville, uFakazi ubengumnikazi wesitolo adutshulelwe kuso.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo, isitolo besivaliwe. Eceleni bekubonakala izimbobo esakeni elimboze igumbi okuthiwa yilo obekuye kuhlalwe kulo nokuyilo abadutshulelwe kulo. Abantu endaweni bebesababaza isihluku nomsindo othusayo abawuzwile ngesikhathi kuhlaselwa. Esinye isaguga (74) esizwe ukuqhuma kwesibhamu sithe size saphendukelwa yisisu ngenxa yokwethuka.
Ngokusho kukamfowabo kaNyawo, uMnuz Chris Nyawo, ngokwabo umfowabo ubesendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele.
“Sizwa kuthiwa baqale badubula yena usomatekisi, babe sebedubula nabehleli nabo, obekukhona kubo nobafo. Umuntu obefuneka uyedwa, bona bafele ukuthi bebehleli naye,” kusho uNyawo.
Uqhube wathi umfowabo ufele emtholampilo ePoly, kanti laba ababili bafele endaweni yesigameko.
Uveze ukuthi umfowabo ubedubuleke kwesingenhla.
Uthe ngokujwayelekile kuye kuthi ngezikhathi zantambama abantu baye kulesi sitolo beyothenga okuya ngasethunjini njengoba kudayiswa ama-fried chips nokunye okuvuthiwe, kuphinde kudayise notshwala.
“Uma uthanda uyathenga udlele khona, kuhlalwe kuxoxwe. Ubafo ujwayele ukuthi aye nathi lapha ngoba yena kahle hle uqashe kwa-K kanti thina siqashe khona lana kwa-J,” kwenaba uNyawo.
Uthe isigameko senzeke bona besemqashweni wabo, basizwa isibhamu sisho, futhi bezwa ukuthi siqhuma ngakuphi.
Ukhale ngobuhlungu abakubo njengomndeni ngesehlo athe sibehle ngaphezulu.
Umthombo othi uzibonele kwenzeka isigameko, wacela ukungadalulwa, uthe ubebudebuduze nesitolo ngesikhathi ebona owesilisa eza ngendlela engezansi kwesitolo.
“Uthe esuka wangena endleleni encane engemumva kwaso isitolo ehamba ngenhla kwensimu kaFakazi. Ufike wathi ukuma khona, maqede wabuyela emumva emotweni abehamba ngayo, wabuya esezoma maqondana nesitolo, waqala wadubula ephindelela. Uthe uma eqeda wazihambela kahle wayongena emotweni yakhe wahamba,” kusho umthombo.
Umndeni kaFakazi wale waphetha ukukhuluma neSolezwe, walibuza ukuthi kuzobasiza ngani ukukhuluma ngoba ngeke esavuka.
Nomndeni kaNksz Gumede nawo unqabile ukukhuluma, uthe kuningi osekubhalwe ezinkundleni zokuxhumana okubadinile, abasafuni ukukhuluma.
Kwenzeka lesi sigameko nje, kusanda kubulawa usomatekisi waseMnambithi ngoLwesine olwedlule.
Okhulumela iSouth African National Taxi Association (SANTACO) uMnuz Sfiso Shangase, uthe bazwile kancane ngesigameko, wathi kuyakhathaza ukuthi yize ubuholi benhlangano buhlale bushumayela ivangeli lokuthi uma kukhona okonakele akungalungiswa ngesibhamu kodwa kuyaqhubeka.
Uthe bayawukhuza lo moya, wathi bazwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe ikakhulukazi eyabadutshulwe kanye nosomatekisi, wanxusa ukuthi ababone ukusuka nokuhlala kwesigameko bahambise ulwazi abanalo emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya amacala amathathu okubulala kulandela lesi sigameko esenzeke emgwaqweni uMthombothi ngoLwesibili.
Uveze ukuthi umuntu ongaziwa uqale wakhuluma nomnikazi wesitolo, ezenza umuntu ofuna ukuthenga ugwayi.
“Umnikazi wesitolo umtshele ukuthi akawudayisi ugwayi, lona wesilisa waphindela emotweni yakhe, kwabe sekuphuma amadoda amane ehlome ngezibhamu bamdubula umnikazi wesitolo,” kusho uNetshiunda.
Uthe ufele endaweni yesigameko kanye nomunye wesifazane, kwathi owesilisa naye odubulekile waphuthunyiswa esibhedlela washonela khona
“Akukho okuthathiwe kubona noma esitolo,” kusho uNetshiunda.