USAPHITHENE amakhanda umndeni wabathathu abadutshulwe babulawa ngoyaba lwezinhlamvu eMsilili, eNdwedwe, ngoLwesihlanu.
Kulesi sigameko kushone uThalente Ngidi (24), Slindile Ngidi (26) noThobisile Ngidi (34).
Kuthiwa kusinde izingane ezintathu, kuzona okukhona enezinyanga ezingu-17, enezinyanga ezingu-23 neneminyaka engu-9.
Ngokusho kwelungu lomndeni, elicele ukungadalulwa ngenxa yokuzibona lingaphephile njengoba abasolwa besagcwele amathafa, abahlaseli bagasele ngezikhathi zasebusuku amalungu alo mndeni eselele, amanye elungiselela ukuyolala.
“Kuthiwa bangqongqoze emnyango bathi bangamaphoyisa. UThobisile uhambile wayovula. Uthe esevulile wabona ukuthi akuwona amaphoyisa kodwa bekungekho abesengakwenza,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe bathe sebengaphakathi banikela ekamelweni obekulele kulo uThalente, babuya naye bazomguqisa noSlindile noThobisile egunjini lokuphumula.
“Kuthiwa babe sebeqala-ke ukubadubula bobathathu, babashiya belele uyaca,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe yingane eneminyaka engu-9, ephume emva kwesikhathi sebeshaye bachitha abahlaseli, yayobikela omakhelwane ngesigameko.
“Sididekile. Ayikho into esingayiqagela ukuthi iyimbangela ngoba kuthiwa abakhulumanga lutho abahlaseli kanti nabashonile bebengesibo abantu abawuhlupho emphakathini ngakho asazi ukuthi bahlaselelweni,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe bayafisa ukuthi amaphoyisa enze konke okusemandleni ukuthi babanjwe abenzi bobubi.
Khonamanjalo, esigamekweni esenzeke esigcemeni sakwa-A eFolweni ngoMgqibelo, kudutshulwe kwabulawa izithandani, uSne Njapha noBhekani Ncwane.
Ngokusho kwemithombo, laba bobabili bahlaselwe behleli emotweni endaweni.
Imizamo yokuthola imindeni yabo ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, eqinisekisa isigameko saseNdwedwe, uthe amaphoyisa akhona aphenya icala lokubulala kulandela isigameko esenzeke ngoLwesihlanu, lapho okudutshulwe kwafa abantu abathathu.
“Imibiko iveza ukuthi amalungu omndeni owodwa, aneminyaka engu-24, 26 no-34, abeselungiselela ukulala ngesikhathi ezwa kungqongqoza umuntu emnyango. Ngesikhathi evula ahlangabezane nabasolwa ababili abavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwo, bawabulala ngaphambi kokuba babaleke,” kusho uNetshiunda.
Eqinisekisa isigameko saseFolweni, uNetshiunda uthe amaphoyisa aseFolweni aphenya amacala okubulala kulandela isigameko esenzeke ngoMgqibelo.
“Kuthiwa owesifazane nowesilisa bebesemotweni ngesikhathi bedutshulwa ngabasolwa abangaziwa. Bobabili bashonele endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Kuzo zombili izigameko uthe abasolwa abakaziwa futhi nembangela yokubulala ayikaziwa.