KUSALE ababili enkundleni izolo ngesikhathi amaphoyisa edubulana nezigebengu eMpangeni.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, abashonile bekungumnikazi womuzi okugasele kuwo amaphoyisa oneminyaka engu-45 nonogada wakhe oneminyaka engu-36.
Uthe zingu-11 izibhamu ezitholwe amaphoyisa kule ndawo emva kokudubulana nabafi.
Echaza ngesigameko uConstable Ngcobo uthe bekuyisentathakusa izolo ngesikhathi amaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU) ethola ulwazi ngowesilisa onezibhamu eMpangeni.
“Ithimba lamaphoyisa linikele khona eMpangeni emgwaqweni uFarewell lapho amaphoyisa ezame ngakho konke okusemandleni ukuthi athole indlela yokungena ngaphakathi kulo muzi kodwa umnikazi wawo wala waphetha,” kusho uConstable Ngcobo.
Uthe kuthe kusenjalo amaphoyisa azithola ehlangabezana noyaba lwezinhlamvu ebezidutshulwa zibhekiswe ngakuwona.
“Amaphoyisa aphendule ngenhlamvu, wasala enkundleni umnikazi wekhaya (45) nonogada wakhe (36),” kusho uConstable Ngcobo.
Echaza ngohlobo lwezibhamu ezitholwe amaphoyisa kulo muzi uthe kutholwe izibhamu ezine, okukhona kuzo nama-AK47 amabili, kwaba i-shortgun, ama-pistol amahlanu ne-revolver.
Uqhube wathi zingu-397 izinhlamvu ezitholwe amaphoyisa kuyo le ndawo.
Kuvulwe icala lokuzama ukubulala, idokodo lokufa kwabantu, elokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu esiteshini samaphoyisa aseMpangeni.
“Amaphoyisa ayaphenya,” kusho yena.