UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, udalule ukuthi uzoba nomhlangano nomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, mayelana nokungaboni ngaso linye ngokungadlaliswa kwabadlali abathile.
Emasontweni edlule uBroos walibeka ngembaba elokuthi akeneme ngokudliwa isikimu kwiSundowns kwabadlali abamqoka eqenjini lesizwe, uTeboho Mokoena noKhuliso Mudau.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesine uMngqithi waphendula wathi lo mqeqeshi waseBelgium akabheke ezakhe, angagxambukeli kokwenzeka kumaBrazilian.
Nokho, kuyona leyo nkulumo wakuveza ukuthi angathanda ukuthi baxoxe ngqo ukuze bacaciselane ngezinhlelo zabo baphinde babonisane nangokunye.
“Mayelana nomqeqeshi uBroos, engakusho nalokho akusho, sizoba nomhlangano naye kusasa (ngeSonto). Ngicabanga ukuthi sizozwana kangcono ngoba unabadlali bethu abaningi eqenjini lakhe,” kusho uMngqithi ngoMgqibelo ebusuku.
“Siyaleseka iqembu lesizwe futhi siyayeseka iSafa yonkana ngoba namaqembu esizwe amancane anabadlali bethu. Ngakho-ke kufanelekile ukuthi njengabaqeqeshi noma abaholi balezi zikhungo sizame ukutholana ukuze sikwazi ukuxhumana ngalezi zinto.”
UMngqithi uthe ulindele okuhle kulo mhlangano okuzogcina kusize neqembu lesizwe.
“Ngicabanga ukuthi kuningi okuhle okuzovela kulokhu ngoba bakhona abanye abadlali okungenzeka ukuthi (uBroos) akakaze ababhekisise kahle kodwa uma sesixhumana naye uzokwazi ukuthi ngizizwa kanjani ngabo, nokuzokwenza impilo yakhe ibe lula,” kusho uMngqithi.
“Ngikholwa wukuthi kunenqwaba yabadlali angabathola eqenjini lethu, kwiPirates, Chiefs, SuperSport namanye amaqembu kodwa uma bungekho ubudlelwano obuhle phakathi kwabaqeqeshi kuba nzima ukulekelela lapho sicabanga ukuthi singalekelela khona.”
Ngesikhathi iSundowns ixebula i-Lamontville Golden Arrows ngo 5-0 koweCarling Knockout ngoMgqibelo uMokoena ungene esiwombeni sesibili kanti uMudau akafakwanga.