KUNXUSWA amahlelo ahlukene ukuthi akhulekele abafundi baKwaZulu-Natal, abaqala izivivinyo zika-matric ngoMsombuluko.
Leli khwelo lihlatshwe yinhloko yomnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Nathi Ngcobo.
UNgcobo unxuse abamabandla ukuthi kule mpelasonto bakhulekele laba bafundi abazobhala.
“Abafundi abaphume baye emahlelweni ahlukene bedlubhe umfaniswano wabo ngale mpelasonto ukuze bayokhulekelwa. Akukhulekelwe ukuthi babhale kahle izivivinyo,” kusho uNgcobo.
Usho lokhu nje izolo kube nemicimbi ezifundazweni ezehlukene lapho abafundi abazobhala bebesayina khona isibopho sokuthi ngeke bakopele.
Lesi sibopho abasisayina minyaka yonke, sihlose ukuthi sibuyise onembeza kulabo abazolingeka bakopele uma sekubhalwa.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke uNksz Siviwe Gwarube, unxuse abafundi ukuthi baziphathe kahle uma sebebhala.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokusayinwa kwalesi sibopho, ePretoria Central High.
Ufundele abafundi bakulesi sikole isibopho lapho bebelibeka ngembaba elokuthi ngeke bazibandakanye nezehlakalo ezingalungile ngalesi sikhathi.
Abazali banxuswe ukuthi behlise nomsebenzi abawunika abafundi abazobhala. Banxuswe nokuthi babeseke ngalesi sikhathi esinzima.
USihlalo wekomiti lezeMfundo ePhalamende uNksz Joy Maimela, ufisele ukubhala okuhle abakwa-matric. Unxuse uwonke wonke ukuthi weseke abafundi abazobhala wathi yisikhathi esinzima kubona.
“Yisikhathi esibucayi nesifaka ingcindezi ngoba ufunda iminyaka engu-12, bese kudingeka ubhale lezi zivivinyo. Abafundi badinga ukwesekwa kakhulu ngalesi sikhathi.”
KwaZulu-Natal kwenziwe izinhlelo zokusiza kungaphazamiseki izivivinyo uma kwenzeka kuba nezinhlekelele ezifana nezimvula ezihambisana nezikhukhula.
Izimoto ezingama-4x4 zizobe zimi ngomumo ukusiza zifinyelele ezikoleni okuzoba nzima ukuya kuzona uma kwenzeka kuba nezimvula.
Kunxuswe nomphakathi ukuthi ungadubeli ezivivinyweni ngoba kukhona izinto ongeneme ngazo ezithinta intuthuko.
Abezomthetho bazobe besiqaphe ngelokhozi isimo njengoba kuqala lezi zivivinyo.
Abafundi banxuswe ukuthi baphumule, bangazigxishi kakhulu ngencwadi.
Banxuswe nokuthi balale ngokwanele, bahlele indlela yokufunda kuye ngokuthi isiphi isifundo abazosibhala.
NgoMsombuluko kuqalwa ngephepha lesithathu lesiNgisi, bese ntambama kubhalwe iphepha lesithathu lesiBhunu.