SuperSport United (0) 0
Kaizer Chiefs (1) 4
IKaizer Chiefs izibekisele indawo kuma-quarterfinal eCarling Knockout Cup ibhuquzisa iSupersport United emdlalweni we-Last 16 yalo mqhudelwano obudlalelwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli aqinisekise ukuthi iChiefs idlulela kuma-quarterfinal, avalelwe phakathi nguGaston Sirino ngomzuzu ka-33, Yusuf Maart ngomzuzu ka-52, Ranga Chivaviro ngomzuzu ka-73 no-Ashley Du Preez esikhathini esengezwe ngunompempe sekuyophela umdlalo.
Ukunqoba kweChiefs kulo mdlalo womkhumulajezi akubuzwa ukuthi kubuyise ithemba kubalandeli baleli qembu laseSoweto kwazise ngesizini edlule laphuma ekuseni. Amakhosi ahlulwa ngaMaZulu FC ngo 1-0 kowe-Last 16, ekubeni aligcine ngo-2010 ukunqoba le ndebe isabizwa ngeTelkom Knockout.
Ukuwina kwaMakhosi lo mdlalo kubukeka kwenzeke ngesikhathi esikahle kwazise kuleli sonto abebhiyozela usuku lokuzalwa lukasihlalo nomsunguli waleli qembu, uKaizer “Shintsha Guluva” Motaung obehlanganisa iminyaka engu-80 yobudala.
Umqeqeshi waMakhosi, uNasreddine Nabi, uthe: “Nakuba ngesiwombe sokuqala sidlale kahle kakhulu futhi besingashaya amagoli amaningi, asiwasebenzisanga ngendlela amathuba esiwatholile.
Kodwa ukushaya kwethu amanye amagoli kwenze umehluko omkhulu ekwenyuseni izinga lokuzethemba kubadlalli bethu. Yingakho sikuthakasela kakhulu ukunqoba kwethu lo mdlalo ikakhulukazi njengoba usihlalo wethu uKaizer Motaung ubeguba usuku lwakhe lokuzalwa kuleli sonto. Simfisela impilo ende,” kusho uNabi.
UGavin Hunt, opheka iSuperSport, uthe; ‘’Kuyashaqisa. Angicabangi ukuthi lo wumdlalo obekufanele sihlulwe kuwona ngendlela esihlulwe ngayo kodwa nakhu kwenzekile ngoba asiwasebenzisanga ngendlela amathuba esiwatholile emdlalweni. Kodwa akusekho ukukhalela ubisi oluchithekile, sekumele sibheke umdlalo olandelayo,” kusho uHunt,
ISuperSport izobuyela enkundleni ezakhe ne-Orlando oPirates koweligi ngoLwesibili, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-7.30 ebusuku. Emuva kwalokho, izobhekana neChiefs ePeter Mokaba Stadium.