UMLINGISI wodumo lukaDkt Lindelani Zulu emdlalweni we-etv osuwaphela i-Durban General, uMike Ndlangamandla, uthi ukwazi umsebenzi wakhe nokuzenzela izinto zibe lula kuyena, kwenze wangathwala kanzima ukulingisa indawo yowesilisa oshadile kodwa othandana nomunye wesilisa.
UMike ubexoxa neSolezwe emva kokwenza kahle komdlalo wakwiNetflix othi Blood Legacy, lapho elingisa khona indawo kaSiya Ndlovu, oshade noGabisile Ndlovu (Enhle Mlotshwa), ebe ethandana nomuntu wesilisa, uLungelo Blanco (Wiseman Zitha).
“Ngiyazi ukuthi kwabanye abantu kungabonakala kuyinto enzima ikakhulu ngoba kuyaziwa futhi kuyabonakala ukuthi ngiwumuntu othandana nabesifazane kuphela kodwa ukuqonda ukuthi ebesikwenza wumsebenzi nokungafaki ekhanda kakhulu ebengikwenza sisebenza, kwenze umsebenzi wami waba lula. Okunye kuya ngokuya kuba lula ngenxa yamava omsebenzi,” kusho uMike.
Eqhuba, uthe isikhathi esiphila kusona manje sivumela abantu ukuphila impilo yabo ngendlela abafuna ngayo, ngakho akufanele kwethuse kakhulu ebantwini ukubona izinto ezinje beziveza kwithelevishini ngoba ziyenzeka okwangempela emphakathini.
“Singabalingisi wumsebenzi wethu ukuvezela abantu izinto ezenzekayo emhlabeni futhi sibafundise ngazo ukuze baqonde ukuthi zenzeka kanjani ukusiza ukungazexwayi,” usho kanje.
UMike udabuka oPhongolo, enyakatho yaKwaZulu-Natal.
Uqale ukubonakala kwithelevishini kwi-eKasi Our Stories ngo-2014. Emva kwalapho ulingise kwiMuvhango ngo-2018, Usiko Nothando ngo-2019, Isipho ngo-2019 neDurban Gen ngo-2020.