AMAPHOYISA aphume inqina athungatha abasolwa kulandela isigameko sokungqongqiswa ngomlilo kwabayisishiyagalombili ngeSonto ebusuku eTaylors Halt, eMgungundlovu.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, abafi bashiswe ngaphakathi endlini abaficwe kuyo ngabasolwa.
Uthe kule ndlu bekukhona abesilisa abaneminyaka ephakathi kuka-25 kuya ku-46 abangu-15 ngesikhathi kugasela abasolwa abayisikhombisa ebebehlome beyizingovolo ngezibhamu ezinkulu.
“Abasolwa kuthiwa bafike babuza umnikazi womuzi ukuthi ungakuphi, nokuthe uma bethola ukuthi akekho, bayalela abagilwa ukuthi bakhumule babe nqunu ngaphambi kokuthi bababhunyele ngokusaketshezi maqede babalayitha,” kusho uNetshiunda.
Uthe abayisishiyagalombili bafele endaweni yesigameko, kwathi abane baphuthunyiswe esibhedlela ukuyokwelashwa.
UNetshiunda uveze ukuthi abasolwa abaziwa okwamanje kanti nembangela yokubulala ayikaziwa yize kunezinsolo zokuthi lokhu kuhlaselwa kuhlobene nendaba yezidakamizwa.
“Amaphoyisa anxusa ukuthi noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi abasolwa baphi, asize axhumane namaphoyisa aseduze noma ashayele inombolo yokubika ngezigameko zobugebengu ethi: 08600 10111. Onolwazi angalekelela ngalo ngokuncinza indlebe amaphoyisa ngakwaziyo ku-MySAPS App, ngaphandle kokuzidalula,” kusho uNetshiunda.