AMAPHOYISA aphenya isigameko sokudutshulwa kubulawe iphoyisa eQuarry Heights, eThekwini.
USergeant Wonderboy Qinisani Tshangwe ongowokudabuka KwaNongoma, obehlala kule ndawo ubesebenza esiteshini samaphoyisa esisePhoenix.
Ngosuku lwesigameko umufi kuthiwa ubehleli nentombi yakhe nomngani wakhe ngesikhathi behlaselwa.
Ngokusho komthombo ocele ukuthi ungadalulwa laba abathathu bebehleli egumbini lokuphumula ngesikhathi kungena abalisa ababili bafuna ngodli imali nesibhamu sikamufi.
“Abasolwa baqhube umufi bamyisa egumbini lakhe lokulala lapho abafike bamdubula khona amahlandla amahlanu kwesingenhla,” kusho umthombo.
Uqhube wathi abasolwa babe sebethatha amaselula amathathu.
“Eyodwa bekungekamufi, enye kungeyentombi yakhe kanti eyesithathu kungeyomngani wakhe,” kusho umthombo.
Uthe umufi utholwe ehleli encike embhedeni wakhe.
“Isibhamu sakhe asithathwanga. Abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngezinyawo,” kusho wona.
Uveze ukuthi endaweni yesigameko kutholwe amagobolondo ayisishiyagalolunye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseGreenwood Park, aphenya icala lokubulala nelokuphanga kuhlonyiwe kulandela isigameko.