ISALE enkundleni inyanga yaseMawoti eNanda okusolwa ukuthi beyiwukhokhovula wabasolwa ebebebefunwa ngamaphoyisa emva kwesigameko sababulawe eNanda, phakathi nesonto.
Le nyanga (60) kuthiwa itholane phezulu namaphoyisa ngesikhathi ethungatha abasolwa ngokubandakanyeka emacaleni ahlukene okubulala.
Ithimba labaphenyi laseNanda, ngoLwesine lenze uphenyo olunzulu oluholele ekutheni kubanjwe abasolwa nenyanga.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Jay Naicker uthe amaphoyisa alandele umkhondo owaholele emtholampilo KwaMashu, kwaboshwa nabasolwa abathathu abaphakathi kweminyaka ewu-19 kuya ku-28.
"Amaphoyisa aqhubeke nophenyo oluwaholele eMawoti lapho ehlangabezwe khona ngenhlamvu, okuholele ekutheni kudutshulwe nowesilisa osolwa ngokuba yinyanga yabasolwa.
Utholwe nesibhamu esiyivolovolo nezinhlamvu ezintathu," kusho uNaicker
Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesithathu amaphoyisa aseNanda athintwe ngesigameko sokudubula ebesenzeka eTambo Plaza eMawoti. Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo athole izidumbu zabesilisa abahlanu endlini yomxhaso.
UNaicker uthe izidumbu zababulewe zinamanxeba okudutshulwa amahlandla kuphindelelwa.
"Bonke laba ababulewe babalelwa eminyakeni ewu-20 nangaphezulu. Bebesendlini ngesikhathi bedutshulwa ngabasolwa abangaziwa ababaleke ngemoto.
Umgilwa wesithupha wadubuleka esandleni waphuthunyiswa esibhedlela ukuyolashwa," kusho uNaicker
Laba basolwa abathathu ababoshwe emtholampilo, bazovela eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngoMsombuluko.