Amaphoyisa aKwaZulu-Natal adubule abulala abesilisa abane abasolwa ngokuba nesandla ekufeni kwabesifazane ababili izidumbu zabo ezitholwe Emachobeni, eNanda, ngoLwesihlanu.
Izithombe zezidumbu zalaba besifazane, oneminyaka engu-42 nendodakazi yakhe ena-22, bezizungeza ezinkundleni zokuxhumana.
Amaphoyisa athe ngo athole ulwazi ngabasolwa okukholakala ukuthi bebeyogeza eMpophoneni ngoMgqibelo. Imoto abebehamba ngayo ivinjwe Eskebheni, eMzinyathi amaphoyisa acela umshayeli ukuthi ame.
“Abebesemotweni baphendule ngokudubula amaphoyisa futhi amephoyisa abevivile aphendule ngenhlamvu. Ngemuva kokudubulana, bonke abane abebesemotweni balimale bafa. Kutholakale izibhamu ezintathu kubasolwa,” kusho uColonel Robert Netshuinda, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.