USAVALIWE uM1 ngaseGoldreef City eGoli emva kwesigameko sokutholana phezulu kwamaphoyisa nabantu abebehamba ngetekisi lohlobo lweQuantum abasolwa ngokugebenga imoto yemali.
Ngokombiko wamaphoyisa, imoto yemali ihlaselwe ntambama ngezithuba zika-5.15 ngoLwesithathu eSprings ngesikhathi abasolwa abebehlomile beyivimbezela.
Imoto yemali ivinjwe onogada bayo besanda kuqoqa imali ezindaweni ezahlukene, sebebuyela emuva.
“Abasolwa baqhumise imoto yemali ngaphambi kokuba bashaye bachithe nesamba esingadaluliwe,” kusho uBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.
Uqhubeke wathi amaphoyisa abikelwe ngalesi sehlo kwajutshwa ithimba eliphenya amacala abucayi iDPCI nethimba laseGoli leFlying Squad.
Amaphoyisa alandele umkhondo wabasolwa, kwathi ngo-8 ebusuku bavinjezelwa kuM1 ngasejikeni laseBoysens.
“Kube sekududulwana ngenhlamvu phakathi kwabasolwa abebesetekisini namaphoyisa. Umsolwa oyedwa usale enkundleni, ababili bagaxwe ozankosi,” kuqhubeka uBrig Mathe.
Kutholwe izinhlokohlela ezimbili, yimali namaselula amabili. Kutholwe nezinye izikhwama zemali ezimbili ebezingenalutho.
Amaphoyisa asalandela umkhondo wabanye abasolwa.