ABEZOKUSHUSHISA (NPA) kuleli bathi ithimba labashushisi ababukhali seliqalile ukucubungula idokodo ukuze kuqalwe ukushushiswa kwabathintekayo ekufeni kwabasebenzi basemayini iLonmin, ababhujiswa amaphoyisa ngenhlamvu. Kwasungulwa ikhomishini ukuthi iphenye ngesibhicongo saseMarikana.
Abasebenzi ababalelwa ku-34 basemayini, bangenela isiteleka samaholo esasingekho emthethweni batholana phezulu namaphoyisa abadubula, ababulala. Abasebenzi babeduve entabeni bengasuki befuna ukwenyuselwa imiholo.
Isigameko esashiya izintandane nabafelokazi senzeka ngo-Agasti 2012, kanti kulo nyaka kuphela iminyaka ewu-12. Okhulumela iNPA eNorth West, uMnuz Henry Mamothame, uthe kuningi osekwenziwe ukuzama ukushushisa abasolwa kulolu daba.
“Ngesikhathi udaba lulethwa kwabezokushushiswa esifundazweni, kwakunenkinga yezikhala ezazingavaliwe kushoda abasebenzi. Kwakunzima ukucubungula idikodo elikhulu kangaka. Manje izinsiza zonke zikhona nezikhala zivaliwe kwase kuqokwa ithimba eliholwa yiphini lomqondisi wezokushushisa, kumanje bacubungula idokodo bebambisene ne-IPID,’’ kuchaza uMamothame.
Abezokushushisa baveze nokuthi ngaphezu kwalokhu kukhona amaphoyisa ahamba inkantolo ngamacala athinta udaba lwabasebenzi basemayini. Bathe uGeneral Mzondase Mpembe, Colonel Salmon Vermaak, Constable Nkosana Mguye, Warrant Officer Katlego Sekgweleya, Warrant Officer Masilo Mogale, noWarrant Officer Khazamola Makhubela bahamba icala.
Kade bevelile eNkantolo eNkulu eNorth West ngasekuqaleni kwenyanga icala lahlehliselwa kuNovemba13 -15, kulo nyaka